USAZISOLA namanje uKemiso Motaung osethimbeni leKaizer Chiefs lezokukhangisa ngesenzo sakhe sokugxeka umfowabo uBobby Motaung esidlangalaleni ngenkulumo ayenza ngesikhathi ekhuluma nabezindaba eminyakeni eyedlule.
Indaba kaKemiso noBobby yaphenduka undabamlonyeni ezinkundleni zokuxhumana nakwabezindaba ngo-2011.
UBobby wakhwela wadilika kwabezindaba ethi yena ngeke axoshwe kuChiefs ngoba akafakanga i-CV eqenjini lakubo, Amakhosi, okungelona iqembu lepolikiti.
UKemiso wabhala kuFacebook wasola uBobby ngokuphuma eceleni ngenkulumo yakhe ayenza kwabezindaba.
NgoLwesihlanu uKemiso ubesemkhankasweni wokuxwayisa abafundi bezikole zaseMzumbe ngengozi yezinkundla zokuxhumana, lapho edalule khona ukuthi usazisola namanje ngokugxeka umfowabo kuFacebook. IChiefs ibihamba nabaxhasi bayo, iVodacom.
“Mina ngenza elikhulu iphutha eminyakeni eyedlule. Umfowethu uBobby wakhuluma kabi kubalandeli beqembu ethi yena akazange asifake isicelo somsebenzi kuChiefs. Ayekusho ngakuthatha ngokudinwa, ngathi ngizihlalele nesithandwa sami ngishaya ingilazi yewayini ngathatha ucingo lwami ngabhala kuFacebook ukuthi uBobby usho okungafanele endaweni engeyiyo. Hhayi ngayisusa-ke lapho. Ngagcwala izinkundla zokuxhumana indaba yaba nkulu kwabezindaba. Engangikusho kwakuyiqiniso kodwa sasingekho isidingo sokuthi ngikunameke kuFacebook,” kusho uKemiso.
Phakathi kwezikole ebezivakashelwe yiChiefs kukhona iSithokozile High School (okungeyona eKwaDabeka), Zibonele High School, Sinokubonga Junior Primary School, Bongucele Junior Primary School neBonguzwane High School. Isikole ngasinye besikhiphe abafundi abawu-20. Umcimbi ubuseSihlonyaneni Community Hall, eHibberdene.
IChiefs iphinde yanikeza bonke abafundi amajezi ayo, abanye bawina ama-airtime, ama-starter pack, ama-USB noyedwa owine iLaptop.
“Nginesiqiniseko sokuthi namanje uma ubheka uKemiso Motaung ku-Google kuvele kuqhamuke leyo ndaba yami noBobby. Mina ngabhala kuFacebook ngoba ngithi abantu abangazi, bazi uJesseca, uBobby noJunior (Kaizer). Kusukela lapho-ke abantu bazi ukuthi ngubani uKemiso. Angithandi ukwaziwa kanjalo kodwa nginesiqiniseko sokuthi kunabantu abangazi kanjalo ngoba engakubhala ezinkundleni zokuxhumana kwasala kanjalo.”
Ukhuze nomkhuba wokuthi uma kukhona oshaywayo noma ohlukunyezwayo abantu bese bethatha izithombe bemfaka kuFacebook.
IChiefs ibize nabadlali bayo abane kulo mcimbi uCamaldine Abraw, Eric Mathoho, Ryan Moon noKeagan Buchanan. Umcimbi uzovezwa kuKC TV edlala kuSuperSport 4.