SIZWAKELE isikhalo sezinduna zaKwaZulu-Natal njengoba uMnyango wezeziMali esifundazweni usubeke u-R252 million ukunyusa umholo wazo usuka ku-R1 300 uya ku-R7 500 ngenyanga.
Izinduna bezilokhu zikhala ngokuhola imali encane zaze zayobika kuMengameli Jacob Zuma. Nyakenye zisabise nangokuphazamisa ukhetho lohulumeni basekhaya okungenzekanga.
Ethula isabelomali sika-R115 billion sika-2017/18 sesifundazwe esiShayamthetho eMgungundlovu izolo, uNgqongqoshe wezeziMali esifundazweni uNkk Belinda Scott uthe: “Okunye okunomthelela omkhulu ezimalini zesifundazwe wukuholelwa kwezinduna. Lolu daba isifundazwe ebesilokhu sithwele kanzima ngalo eminyakeni embalwa edlule kusukela kwasayinwa isivumelwano sikaMengameli ngo-2014, sokuthi izinduna kumele zinyuselwe.”
Uthe yize lesi simemezelo senziwa kodwa akukaze kushiwo ukuthi imali yokuzinyusela izovelaphi. Uthe u-50% wale mali uzovela eMnyangweni wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu esifundazweni oholwa nguNkk Nomusa Dube-Ncube, omunye u-50% uvele kweminye iminyango. Uthe induna ngayinye izothola * -R90 000 ngonyaka.
“UMnyango wezokuBusa ngokuBambisana usulwenzile ucwaningo ngenhloso yokuthola ukuthi yiziphi izinduna zangempela okumele zithole le mali,” kusho uNkk Scott.
“Yize ngingenaso isibalo esiqondile sokuthi zingaki kodwa isibalo esisitholile okwamanje sithi zingu-3 100 izinduna ezithintekayo,” kusho uNkk Scott.
Ukugcizelele ukuthi okwamanje ayikho imali yokukhokhela izinduna kusuka ngo-2014.
USihlalo wezinduna esifundazweni, uMnuz Vusi Mthethwa, ushishayele ihlombe lesi sinyathelo wancoma uNdunankulu uMnuz Willies Mchunu noNkk Dube-Ncube ngokuphuma kwesabelo sabo.
Uthe okusele ukuhlala phansi noMchunu kudingidwe indaba yokuthi izomiswa kanjani eyokukhokhelwa kwabo kusuka ngo-2013.
Ukhale ngokuthi kunezinduna ezingawutholi u-R1 300 abakhokhelwa yona okwamanje.
Umholi we-IFP esiShayamthetho, uMnuz Blessed Gwala, uthengokwakhe asikho isabelo sezinduna ngoba uNgqongqoshe ukhuluma ngo-50% ozophuma emnyangweni wezokuBusa ngokuBambisana kuthi enye imali ibolekwe kweminye iminyango.
“Imali yezinduna ayikabi khona, lena kusayimali yokubamba isimo ukuze izinduna zingawubangi umsindo ngoba zithi kukhona ezikucoshayo,” kusho uGwala.