UMENGAMELI Jacob Zuma uzoqoka ibhodi elisha le-SABC uma ikomiti lePhalamende eliphenya ngodaba lwale nhlangano seliwuqedile umsebenzi walo ngonyaka ozayo. Lokhu kuvezwe yihhovisi likamengameli izolo.
“UMengameli uzolinda iPhalamende liqede ngophenyo lwalo. Izinqumo ezizothathwa zizolawulwa yizincomo ezizokwenziwa ngamalungu ePhalamende,’’ kusho uMnuz Bongani Ngqulunga okhulumela uMengameli esitatimendeni asikhiphile. USihlalo waleli bhodi obese sele yedwa uSolwazi Mbulaheni Maguvhe ugcine esulile esikhundleni sakhe kuleli sonto ngemuva kokugxekwa okukhulu njengoba akhombisa ukuthi kuningi angakwazi ngale nhlangano yokusakaza. Lokhu kugqame ngesikhathi ehlohlwa imibuzo ngamalungu ePhalamende, izimpendulo zakhe eziningi ubevele athi akakhumbuli kumbe akazi ngalokhu okubuzwayo.
UZuma wazemukela izindaba zokusula kwakhe njengoSihlalo webhodi. "UMengameli ubonge kakhulu uSolwazi Maguvhe ngomsebenzi awenzele le nhlangano wamfisela inhlanhla nangekusasa lakhe.’’
UMaguvhe obuye abe ngumsebenzi wase-Unisa, ubeshaya phansi ngonyawo enqaba ukwesula ngemuva kokuthi sekwesule wonke amalungu ebhodi.
UMaguvhe ehambisa nethimba lakhe labameli bake baphuma bashiya kanjalo ikomiti lesikhashana namalungu ePhalamende abephenya ngodaba lwale nhlangano. Babekhala ngokuthi lesi sithangami kasinabo neze ubulungiswa. UMaguvhe ongaboni emehlweni wacela ukuthi yonke imibiko, owoMvikeli woMphakathi, okamcwaningi mabhuku
nowe-ICASA kufanele ibhalwe ngohlelo lwe-braille ngoba uma kungenziwanga lokho kuyofana nokuthi badlala ngaye. Kwabe sekuchithwa lokho yikomiti libeka isizathu sokuthi ubenaso sonke isikhathi sokuzilungiselela ukuza kulesi sigcawu sophenyo.
Kwaze kwaphoqeleka ukuthi athunyelelwe amasamanisi ukuze ezovela kulesi sigcawu. Ikomiti elahlala izinsuku eziyisikhombisa lezwa ubufakazi obushaqisayo ngokukhohlakala okukhinyabeza le nhlangano. Amalungu ePhalamende afunga agomela athi asazovumbulula okuningi ngonyaka ozayo uma sekuqhutshwa lolu daba. Amalungu ePhalamende aphinde akhala ngokuziphatha okungagculisi kwezikhulu zale nhlangano nomthelela kaMnuz Hlaudi Motsoeneng ongundabamlonyeni. UMaguvhe watshela ikomidi ukuthi uMotsoeneng wenza "umsebenzi oncomekayo’’ wasivikela nesinqumo sakhe sokumvotela ukuthi eqashwe ngokuphelele kwesokuba yisikhulu senhlangano. Lolu phenyo oluqhutshwa ngamalungu ePhalamende luguqisiwe, seluyoze luqhubeke uma kuqala inyanga ezayo.