KUSUKE umsindo ezinkundleni zokuxhumana namhlanje ekuseni ngenkathi okhulumela uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi, uLumka Oliphant, eshaya phansi ngonyawo enqaba ukukhulula isiNgisi emsakazweni iTalk Radio 702.
ULumka ubemenywe ohlelweni lwasekuseni lukaXolani Gwala kulesi siteshi ukuthi azocacisa ngezinkinga zokuholela abantu imali yempesheni ngohlelo lakwaSassa. I-702 yaziwa njengesiteshi somsakazo esiphakela abantu bazo zonke izinhlanga nokwenze uGwala amcela ukuthi asebenzise ulimi lwesiNgisi. Nokho isicelo sakhe sifane nokuthela amanzi emhlane wedada uLumka emphendula ethi abakhulume olukaMageba.
Emva kokumbuza omunye umbuzo, awuphendule ngesiZulu futhi, uGwala ukhethe ukumqamula emoyeni. Ungalalela inkulumo yabo ngezansi: