Izinguquko kwabane-HIV

Comment on this story
NO_no aaron motsoaledi20 INLSA UNGQONGQOSHE wezeMpilo kuzwelonke, uDkt Aaron Motsoaledi, wethule imizamo yokwenza ngcono impilo yabaphila negciwane lengculazi.

LUNGI LANGA

SEYIZOBA lula impilo kubantu abaphila negciwane lengculazi njengoba sebezokwazi ukuphuza iphilisi elilodwa nje vo ngosuku.

UNgqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke, uDkt Aaron Motsoaledi (osesithombeni), uthe kusukela ngo-Ephreli ngonyaka ozayo amaphilisi okuthithibalisa lesi sifo asezoshintsha ezibhedlela zakuleli njengoba abantu sebezothola amaphilisi azobe ehlanganise amaphilisi amathathu kodwa okuzoba yiphilisi elilodwa. Ugqamise ukuthi nabesifazane abakhulelwe bazothola le mishanguzo eyiphilisi elilodwa.

“Kuzohlinzekwa ngamaphilisi amathathu enziwe yiphilisi elilodwa. Lokhu kuzokwenza ukuthi abantu baphuze iphilisi elilodwa ngosuku kunokuthi baphuze amaphilisi amathathu,” kusho uMotsoaledi.

Uthe lokhu kuzokwenza ukuthi kube lula kubantu ukuqhubeka nemishanguzo yabo. Kuzohlanganiswa amaphilisi amathathu asetshenziswa ekuthithibaliseni ingculazi okuyi-tenefovir, emtricitabine ne-efavirenz. Ithenda yokuhlinzeka ngaleli philisi inikwe izinkampani zemishanguzo ezintathu, i Aspen Pharmcare, Cipla Medro, neMylan pharmaceuticals.

Phezu kwalokhu uMotsoaledi uthe bakwazile ukwehlisa imali yale thenda ngo-R2.2 billion.

Uthe bekulindeleke ukuthi iNingizimu Afrika ikhokhe imali engu-R8.1 billion kule thenda yagcina iyehlise yafika ku-R5.9 billion eminyakeni emibili.

Lokhu sekushayelwe ihlombe yizinhlangano ezilwela amalungelo abantu abaphila negciwane lengculazi.

UNksz Lihle Dlamini we-Treatment Action Campaign uthe bakubona kuyindlela ezosiza abantu ukuthi bakwazi ukuqhubeka nemishanguzo yabo.

Uthe kuqala abantu bebeba senkingeni yokuphuza imishanguzo eminingi ngosuku olulodwa obekwenza ukuthi abanye bagcine bengayilandelanga kahle imigomo yokuthatha imishanguzo.

“Esikubongayo wukuthi uNgqongqoshe uxoxisene nazo zonke izinhlaka ngaphambi kokuthatha isinqumo sokukhipha ithenda yokuhlinzeka ngemishanguzo. Lokhu kwenze ukuthi izinto ebesikade sikhala ngazo njengakho ukuhlinzekwa kwephilisi elilodwa elizothathwa ngabantu abaphila negciwane lengculazi,” kusho uNksz Dlamini.

UDkt Gilles van Custem wenhlangano eqwashisa ngesifo sengculazi, iMédecins Sans Frontières/Doctors Without Borders (MSF), uthe bayazijabulela lezi zindaba njengoba sekuzokwenza kube lula kubantu abaphila negciwane ukuthi bathathe imishanguzo yabo.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.