MBONGISENI BUTHELEZI
EseGoli
I-ORLANDO Pirates izobhekana ne-University of Pretoria koweligi eTuks Stadium, ePitoli, kusasa ngo-8.15 ebusuku, bengekho abanye babadlali bayo basemuva, ngokusho komqeqeshi u-Eric Tinkler.
IBucs iqoqe amaphuzu amathathu ngesikhathi ithela othulini ngo 2-1 i-Ajax Cape Town emdlalweni we-Absa Premiership obuse-Orlando Stadium, ngoLwesithathu ebusuku.
Igoli lokuqala libe umkhonto ogwaza ekhaya ku-Ajax, ngesikhathi uRivaldo Coetzee ephasela unozinti u-Anssi Jaakola ohlulekile ukuvimba ibhola lakhala phakathi. Elinye leBucs lishaywe nguSifiso Myeni, kwathi elokubika le-Urban Warriors leza noPrince Nxumalo.
“Abadlali bami basemuva abekho, balimele, abanye bebemisiwe ngenxa yamakhadi aphuzi njengoba ebengekho u-Ayanda Gcaba. URooi Mahamutsa uthinteke eqakaleni. Besithi uzokwazi ukuqhubeka adlale kodwa udokotela uthe ngeke esakwazi. Emuva sinenkinga ngoba noSiyabonga Sangweni ulimele nabanye banamakhadi amathathu aphuzi (njengoThabo Matlaba). Asithandi ukulokhu ngishintshashintsha abadlali kodwa kwesinye isikhathi sisuke siphoqelekile,” kusho uTinkler.
Abanye abadlali beBucs abasengcupheni yokumiswa ngenxa yamakhadi amaningi aphuzi nguThabo Rakhale, Issa Sarr noThandani Ntshumayelo.
UTinkler uthe akayiboni inkinga ngokudlalisa u-Edwin Gyimah emuva, wathi usazoqhubeka nokumdlalisa.
“Badlale kahle oGyimah noMahamutsa sibhekene neKaizer Chiefs, ngakho angiyiboni inkinga. UGyimah udlala kahle maphakathi emuva, usazoqhubeka adlale lapho, leyo angifuni nokuthi kuze kukhulunywe ngayo. Udlala ngendlela engiyifunayo,” kusho uTinkler.
UThabo Qalinge akawuqedanga umdlalo ngenxa yokuba nenkinga onyaweni.
“Yinto encane, uzobe esekulungele ukudlala kolandelayo. Ulimale sibhekene neChiefs kodwa ubeqhubeka ezilolonga neqembu. Ukuthi nje namuhla (ngoLwesithathu) bebemkhahlela kulona lolu nyawo.”
UTinkler uthe umdlalo wabo namaTuks ngeke ube lula.
“Lo mdlalo awufani noweChiefs lapho ungadingi ukukhuthaza abadlali, ngakho ngiwubona uzoba nzima. Abadlali bamaTuks bazofika bezitshela ukuthi badlala nePirates bafune ukusishaya ngoba siyiqembu elikhulu. UFebhuwari yinyanga ebalulekile kithina, kufanele senze isiqiniseko sokuthi abadlali baphumula ngokwanele ngemuva komdlalo ngamunye ngoba imidlalo izobe iminingi,” kusho uTinkler.
Uthe ukhathazekile ngamagoli angena ngakubo njengeqembu.
“Ngincamela ukuthi nginqobe umdlalo ngo 5-1, 3-0 noma ngo 4-0 kunokuthi sinqobe ngo 2-1. Kodwa obekubaluke kakhulu ku-Ajax ukuthi sinqobe umdlalo,” kusho uTinkler.