Bongani Hans
INJINGA yaseThekwini ehlale isematheni, uNkk Shauwn Mpisane, kunezinkinga ezikhona ngezindlu zomxhaso ezakhayo.
UNkk Mpisane, inkampani yakhe esiyenze izigidi zamarandi ngamathenda okwakha izindlu zomxhaso, ukhala ngoMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu ngenkinga yemali ebhekene nenkampani yakhe nosekuphethe ngokuthi kumiswe umsebenzi wokwakhiwa kwezinkulungwane zezindlu zomxhaso KwaDukuza.
Lokhu kushiye abantu abalindele izindlu zomxhaso bezibuza ukuthi kungani inkampani kaMpisane, iZikhulise Cleaning Maintenance and Transport CC, ilaxaze ukwakhiwa kwemizi yabo eMlazi naKwaDukuza. Ukwakhiwa kwalezi zindlu kumiswe ngesikhathi le nkampani ivalela amaholidi ngoDisemba 12 kodwa akubange kusasetshenzwa ngesikhathi okwakulindelwe ngaso ngoJanuwari 12.
UNkk Mpisane ukuqinisekisile ephephandabeni elinguzakwabo we Solezwe, i Mercury, ukuthi amakhulu abasebenzi awabuyelanga emsebenzini futhi awaholile kusukela evalele amaholidi. Uthe wethemba ukuthi umsebenzi uzoqhubeka uma kuqala unyaka omusha wezimali ngo-Ephreli.
Walile ukusho ukuthi ukweletwa malini noma zingaki izindlu ezishiywe zingaqediwe.
Okhulumela uMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu uMnuz Mbulelo Baloyi uthe ngamafomu angagcwaliswanga ngendlela adale ukuthi kubambeke inkokhelo.