‘Izinkinga zidalwa ukungabi nalo ulwazi’

Comment on this story
no ongoye6 Group USOLWAZI Fikile Mazibuko uthe abazali bangagwema ukuzobamba olayini abade eNyuvesi ngokuthi basebenzise ezinye izindlela njengokukhokha emabhange kunokuza esikhungweni.

NONHLANHLA MKHABELA

IZINKINGA eziningi abafundi abahlangabezana nazo uma bezoqala emanyuvesi zidalwa wukungabi nolwazi ngezinhlelo zangaphakathi njengokufaka izicelo zokusekwa ngemali.

Lokhu kuvezwe emhlanganweni obuwukhukhulelangoqo wabazali obuseNyuvesi yaKwaZulu ngoMgqibelo.

Umphathi wenyuvesi, uSolwazi Fikile Mazibuko, uthe ukubona abazali nabafundi bebambe olayini abade begcina bengalutholanga usizo ngoba bengazi ngezindlela ezilula nezisheshayo zokuthola usizo yikho okuyisizathu esikhulu esenza baqhubeke babe nomhlangano osekungunyaka wesibili uba khona.

“Kubuhlungu ukubona abantu abasuka kude, ikakhulukazi abantu abadala mhlawumbe abanye bethi bazokhokha ekubeni ikhona indlela yokukhokha ebhange eliseduzane kokunye bagcine bengalutholanga usizo,” kusho uSolwazi Mazibuko.

UMnuz Jabulani Kunene, oyimenenja yohlelo lokukhokha kwabafundi, uthe bahlala njalo benenkinga yabazali abafuna ukuzokhokha esikhungweni ngqo uma kubhaliswa ekubeni bengakhokha nakunoma yiliphi igatsha lebhange elisetshenziswa yinyuvesi.

no ongoye2 Bese kuyisikhathi sokuthi abazali abebesemhlanganweni Ongoye babuze iziphathimandla zenyuvesi imibuzo ngobekukhulunywa ngakho. UNkk Siphiwe Sangweni ubesesebenzisa ilungelo lakhe ukubuza omunye wemibuzo. Izithombe: NQOBILE MBONAMBI Group

“Lokhu kusinikeza inkinga enkulu yolayini abade abangapheli. siyacela abazali basebenzise amabhange ukuze sinqande ukugcwala okuba sesikhungweni uma sekukhokhwa,” kusho uKunene.

Abazali abaningi abebekhona bebekhathazeke kakhulu ngendaba yokwesekwa ngemali, ikakhulukazi ezinganeni ezinemiphumela emihle, ukudla nezindawo zokuhlala.

UNkk Bongekile Mkhize ukhale ngokuthi unabazukulu ababili asebebhalisile kodwa abangenayo indawo yokuhlala.

“Ngiyikhokhile eyokubhalisela izifundo kodwa eyokukhokhela indawo yokuhlala anginayo. Lezi zingane uma zizohlala emqashweni izongiklinya leyo mali ngoba azinabazali ngizikhulisa ngedwa,” kuchaza uNkk Mkhize.

UNksz Nonjabulo Mgabhi yena ucele ukuchazeleka ngohlelo lokudla kubafundi abahlala ngaphakathi.

UMnuz Kunene weluleke abazali ngokuthi noma kungathiwa abafundi bayakuthola ukwesekwa yisikhwama sokubakhokhela, iNSFAS, kumele bazilungiselele ukuthi ngeke bakhokhelwe zonke izindleko.

“Baningi abafundi abadinga lolu sizo kodwa imali iyashoda, ngakho kuyenzeka kukhokhwe ingxenye yezindleko bese kufanele ukuthi umzali aqedele okusele,” kuchaza uKunene.

USolwazi Mazibuko uthe umhlangano wokuqala waba nezithelo ngoba abazali sebeyabathinta ngocingo nange-email bebuza ngezinhlelo zabo.

Noma umhlangano uqhubeke ngempumelelo kodwa isibalo sabazali besisincane. uSolwazi Mazibuko uthe kungenzeka ukuthi usuku abalukhethile belunezinto eziningi ezenzekayo.

Uthe emhlanganweni wokuqala abazali babephume ngezinkani. Uthe bahlela ukwenza ucwaningo lokubheka ukuthi abazali bayasibona yini isidingo salo mhlangano.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.