isolezwe1
isolezwe-2
isolezwe-3

Izinkulungwane zakwaShembe ehostela


NO shembe6~1

INLSA

Inkosi uMduduzi Shembe wasohlangothini lwaseBuhleni ngesukhathi eseTehuis eMlazi izolo ezothandazela abantu. ISITHOMBE PATRICK MTOLO

MLUNGISI GUMEDE

IZINKULUNGWANE zabalandeli bebandla iNazareth Baptist Church baseBuhleni izolo zikhandelane eTehuis eMlazi lapho umholi wazo iNkosi uMduduzi “Nyazi lweZulu” Shembe ebethandazela abagulayo nokubikwe ukuthi usukumise abantu abathathu abebehamba ngezihlalo zamasondo.

Lo mcimbi bekulindeleke ukuthi uhanjelwe yiMeya yeTheku uMnuz James Nxumalo kodwa akabange esaphumelela.

Ngaphandle kokusukumisa laba bantu, uNyazi kuthiwa luphinde lwathandazela uNksz Celekile Mbatha okuthiwa uphalaze inyoka. Intatheli ayizange izibonele lesi simanga kodwa izwe ngamanye amakholwa. Ithe noma ibuza ngenyoka kwangabakhona ophumela obala.

Omunye wezishosha kodwa ogcine esehamba, uNksz Nomusa Msomi waseMlazi, uthe ubesehambe ngesihlalo esinamasondo isikhathi eside ngemuva kokuphathwa wuvendle. manje kodwa usephinde wakwazi ukuzihambela.

“Ngibonga kakhulu eNkosini yamaNazaretha ngokungisiza yangisukumisa kulesi sihlalo,” kusho uNksz Msomi.

NO shembe1

Izinkumbi zamalungu ebandla lakwaShembe zihlangane ngaseMega City eMlazi lapho inkosi yazo uMduduzi Shembe kade ethandazele khona abantu abagulayo Izithombe: PATRICK MTOLO

INLSA

Izolo uNyazi lubonakale kancane luthi shazi phakathi kwezinkulungwane zabalandeli balo.

Kuphazamisekile ukuhamba kwezimoto emgwaqweni uMangosuthu Highway izolo eduze nasehostela eTehuis ngesikhathi kunomhlangano waleli bandla.

Izinkulungwane zabalandeli zifike ziphethe izipho ezehlukene, okubalwa kuzo nenkunzi yenkomo zizonikela eNkosini yazo.

Ngesikhathi kusontwa eceleni bekuqhubeka umgidi. UMnuz Sihle Ncube obejutshwe ukuthi akhulume nabezindaba izolo, uthe yizwi likaNkulunkulu elitshele uNyazi ukuthi luzophilisa abantu eMlazi.

“Njalo uma uNkulunkulu ekhona ukhetha usuku asuke ezosiza ngalo abantu njengoba kwenzeka namhlanje,” kusho uNcube.

Uthe kusasa uNyazi luzohambela eGoli luyothandazela abagulayo. Uthe bazohambela nezinye izindawo nakhona beyosiza abantu.

AbaseBuhleni bagcine bengayinyukanga intaba iNhlangakazi kulo nyaka. Baphelela eHomisi ngenxa yombango osenkantolo mayelana nobuholi phakathi koNyazi neNkosi uVela Shembe waseThembezinhle.

sign up

Share |  

Facebook icon

Facebook

Twitter icon

Twitter

Google icon

Google

Yahoo icon

Yahoo

Reddit icon

Reddit

del.icio.us icon

del.icio.us

Pinterest icon

Pinterest

Email

Print

  • Rate this article
  • Average reader rating (0 votes) 0 Stars

Sbo Zuma, wrote

IOL Comments
10:38am on 7 February 2012
IOL Comments

Ufikile olandelwa izizwe - Unyazi lwezulu uze kusisindisa. Inkinga le - Khula Nkosi yethu!!!

IOL Comments

Sakhile, wrote

IOL Comments
08:31am on 7 February 2012
IOL Comments

Lo ungumoli okhethwe uNkulunkulu

IOL Comments

excellent , wrote

IOL Comments
02:38am on 7 February 2012
IOL Comments

uNyazi uyena uShembe wangempela laba abanye oShembe osomathuba nje abacabanga ukuthi kuyadlalwa kodwa kuyeza ukufa kubona bayothini kuNkulunkulu bona umsebenzi wakhe futhi badida abantu abadinga uShembe,bantu bakithi hambani eBuhleni uShembe nomthola khona,khohlwani imifanekiso izichuse izithombe ezibaziwe

IOL Comments

mxolisi mhlongo olundi, wrote

IOL Comments
06:08pm on 6 February 2012
IOL Comments

Olwethu UNyazi "nongamthandi uyoze amthande"lumile lumile kwesiKaBhombela

IOL Comments

artwell, wrote

IOL Comments
04:56pm on 6 February 2012
IOL Comments

unyazi lwezulu lunkulunkulu

IOL Comments

Ndlovu, wrote

IOL Comments
04:38pm on 6 February 2012
IOL Comments

uShembe uMsindisi..Amen

IOL Comments

Showing items 1 - 6 of 6

Cashmere41
I'm a 41 year old man looking to meet women between the ages of 25 and 43.
View Profile
Marc_02
I'm a 36 year old man looking to meet women between the ages of 25 and 36.
View Profile
Doctor221_jpw
I'm a 22 year old man looking to meet women between the ages of 18 and 25.
View Profile
IOL - dating
Animally
I'm a 37 year old woman looking to meet men between the ages of 30 and 45.
View Profile
IOL - dating
fancy24
I'm a 36 year old woman looking to meet men between the ages of 34 and 42.
View Profile
IOL - dating
jenjen26
I'm a 27 year old woman looking to meet men between the ages of 28 and 35.
View Profile