Izinsolo ngokusha kwebhilidi

Comment on this story
NO CLARENDON3 . UNKK Emerencia Myende (63) ohlala eClaredon okuyibhilidi elihlala abantu abaphila nokukhubazeka uthe akazi ukuthi usinde kanjani kusha ibhilidi. Isithombe: BONGANI MBATHA

MLUNGISI GUMEDE

KUSOLWA isandla semfene esehlakalweni esenzeke izolo sokusha kwekhaya labakhubazekile elidume ngokuba semba-ngweni iClaredon, elise-Albert Park, eThekwini.

Bathathu abantu abangeniswe esibhedlela kodwa babuye badedelwa ngemuva kokuhangulwa ngumlilo.

Kwenzeka lesi sigameko nje, kunomsindo okhona kuleli bhilidi njengoba abantu abahlala kulona bekhishwa nguMasipala waseThekwini uyobafaka kwenye indawo.

UNkk Emerencia Myende ohlala kuleli bhilidi uthe akazi ukuthi usinde kanjani ngoba umlilo ubusuqalile ukungena endlini abelele kuyona kodwa waphulukundlela wabaleka.

“Ngibone ikloba lomlilo selisendlini ngavuka ngabaleka,” usho kanje. Umlilo ucinywe abezicishamlilo.

Nakuba kukhulunywa ukuthi akekho oshonile kulesi sehlakalo, abantu basizwe nguThembelani Shezi noNkululeko Khoza okuyibona ababalekise abantu abakhubazekile bebehlisa ezitebhisini.

“Bekuzobhujwa ukuba besingekho ebhilidini ngoba kunabantu abahamba ngama-wheelchair kanti abanye ababoni emehlweni,” kusho uNkululeko.

Ilungu lekomiti labantu abahlala kuleli bhilidi uMnuz Zephu Kunene usole izikhulu zikamasipala waseThekwini ngalesi sehlakalo.

UKunene uthe kukhona isandla semfene kulolu daba ngoba kwenzeka lesi sigameko vele kunezinhlelo zokubakhipha kuleli bhilidi.

“AbakwaMasipala basicimele ugesi ngeledlule manje sesisebenzisa amakhandlela, ukuba ugesi ukhona ngabe asizange senzeke lesi sehlakalo,” usho kanje.

UKunene uthe umlilo uqale endlini ebinge-namuntu kodwa kushiywe ikhandlela livutha phakathi futhi kukhona ne-generator obekuhlelwa ukuthi kukhanyiswe ngayo ngoba ugesi awusekho.

Uthe izikhulu zikamasipala zibatshele ukuthi abaphathi bebhilidi i-KZN Blind Society banesikweleti sikagesi esingaphezu kuka-R600 000.

“Bekuvele kunezinhlelo zokuthi sisuswe kuleli bhilidi siyohlala kwelinye elikhona lapha edolobheni kodwa esinganeme ngesimo salo ngoba ngeke likwazi ukuhlala abantu abakhubazekile njengathi,” usho kanje.

UKunene uthe izindlu zalapho beyiswa khona azinazo izicabha nompompi bayavuza.

Okhulumela uMasipala waseThekwini uMnuz Thabo Mofokeng akazange atholakale ukuthi aphawule izolo ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.