MBONGISENI BUTHELEZI
EseGoli
A KAFUNI kusetshenziswe ukushona komdlali wakhe uMondli Cele njengento esaphazamisa abadlali bakhe umqeqeshi weMaritzburg United u-Ernst Middendorp.
Lo mqeqeshi usho kanje ngemuva kokuthi iqembu lakhe lishaywe yiKaizer Chiefs ngo 3-2 emdlalweni we-Absa Premiership eFNB Stadium, eSoweto, ngoMgqibelo.
“Ukudlula emhlabeni kukaCele kwaba yisikhathi esinzima ngempela eqenjini. Kodwa angifuni kusetshenziswe njengehawu njengoba singenzi kahle emidlalweni yeligi. Ngeke sithi siyadliwa ngoba sihanjelwe nguMondli. Kufanele noma ngabe kuyasithikameza sizame ukuthi sizibambe bese siyaphuma siyolwela amaphuzu amathathu sikwazi ukusinda ezembeni,” kusho uMiddendorp.
“Kodwa uma ungangibuza ukuthi namuhla bengingajabula yini ukuba noMondli enkundleni impendulo ingathi yebo ngoba ubengenza umehluko. Ngizothanda ukubongela iChiefs idlale kahle. Nayo ifuna ukuvala igebe phakathi kwayo neMamelodi Sundowns.”
Yize iqembu lakhe lishayiwe kodwa iMiddendorp uthe ubona umehluko uma kuqhathiswa nangasikhathi efika.
“Sizamile namuhla, akufani nasemdlalweni wethu owedlule. Kunomehluko impela kuyo yonke indawo kusukela emuva kuya phambili. Kuyabonakala kula masonto sindawonye ukuthi kukhona esikuzamayo. Amagoli siyawashaya kodwa kufanele sinyuse amasokisi emdlalweni wethu olandelayo njengoba kungahambanga kahle namuhla,” kusho uMiddendorp.
Uyathemba ukuthi iqembu lakhe lizokwazi ukuthi lisinde ezembeni kule sizini.
Leli qembu laseMgungundlovu lisahluleka ukusuka emsileni yize amaqembu angaphezu kwalo nawo eyithola induku. IJomo Cosmos ishaywe yiChippa United ngo 2-0 kwathi i-University of Pretoria yadliwa yi-Orlando Pirates ngo 1-0.
“Ngiyethemba ukuthi uzoba khona umehluko uma sekubuye abadlali bami abebengekho namuhla ngezizathu ezehlukene. Izinto zizohlangana sisinde ezembeni,” kusho uMiddendorp.
Uthe okwenzeka kumqeqeshi weChiefs, uSteve Komphela ukuthi kube nzima ukuthola imiphumela yinto eyejwayelekile.
“Ufike unqobe iligi kulandelana abadlali benelisekile bejabulile bese kuhamba abanye babo nawe kutholakale ukuthi usafika kulelo qembu njengomqeqeshi. Uzame ufake abanye okufanele bajwayele ukudlala eqenjini. Kuthatha isikhathi ukuthi bajwayele kodwa kuze kube yimanje usayibambe kahle uKomphela. Naye usafaka izindlela zakhe sokudlala kuleli qembu okuthatha isikhathi,” kusho uMiddendorp.
IMaritzburg izobhekana nePlatinum Stars emdlalweni weligi eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngoMgqibelo, ngo-8.15 ebusuku.
Imidlalo ye-Absa Premiership:
Kusasa: Bidvest Wits v Kaizer Chiefs (Bidvest Stadium, 7.30pm)
NgoLwesithathu: Orlando Pirates v Mamelodi Sundowns (Orlando Stadium, 7.30pm); Ajax Cape Town v Black Aces (Athlone Stadium, 7.30pm)
NgoMgqibelo: Jomo Cosmos v Free State Stars (Olen Park, 3.30pm); Polokwane City v Golden Arrows (Old Peter Mokaba Stadium, 6pm); Maritzburg Utd v Platinum Stars (Harry Gwala Stadium, 8.15pm)
NgeSonto: SuperSport United v University of Pretoria (Lucas Moripe Stadium, 3.30pm); Bloem Celtic v Chippa United (Dr Molemela Stadium, 3.30pm)