INLSA
UNksz Jessica Nhleko noNksz Lerina McCall, abangabaphathi benkampani entsha yezokungcebeleka i-African Insignia. Isithombe: MARILYN BERNARD
KULINDELEKE ukuthi kuveze imiphumela emihle ukuhlangana kwabesifazane asebezakhele igama kwezokungcebeleka nokuvakasha.
Lezi zintokazi ezimbili, uNksz Jessica Nhleko noNksz Lerina McCall, sebehlangene basungula inkampani entsha okuthiwa yi-African Insignia.
UNksz McCall ubengungomunye wabaqondisi bokuqala benkampani esezinkingeni i-Signature Life Hospitality. UNksz Nhleko naye ubesebenza njengomunye wabaphathi kule nkampani.
Laba ababili bathe abafuni ukugxila kakhulu ezindabeni zale nkampani abaphuma kuyo kepha bafuna kucace ukuthi inkampani yabo entsha ayixhumene nakancane kuSignature Life Hospitality.
UNksz McCall uthe yena noNksz Nhleko baphethe u-50-50 kule nkampani, abekho abanye abasebenzisana nabo.
Yize kunjalo abameli babanikazi behhotela abasenkantolo ukuvala inkampani iSignature Life Hospitality bazwakalise ukukhathazeka ngokuthi kungenzeka le nkampani entsha isizwa ngabaphathi okubalwa kubo uMnuz Alan Vels.
“Ngidilizwe ngo-Ephreli kodwa kusukela ngoMeyi bese ngiqalile ukwenza izinhlelo zokuqala inkampani yami yokungcebeleka kunokuthi ngifune umsebenzi. Ngiqale lapho ukwenza izinhlelo zokuqala i-African Insignia. Inkampani yethu ayihlangene nabaphathi balapho ebengisibenza khona,” kusho uNksz McCall.
Uthe ngaphandle kokusebenza noNksz Nhleko eSignature Life Hospitality, ubemazi njengomunye wabesifazane abamnyama abanekusasa eliqhakazile kwezokungcebeleka.
Uthe ngesikhathi esasebenza njengomunye wabaphathi beSouthern Sun wazama ukumthola uNksz Nhleko ukuthi azosebenza naye.
“Njengoba nami sengidilizwe emsebenzini ngaqoka ukuqala eyami inkampani naye edinga ukuthola umsebenzi omusha, kube lula ukuthi sikhethe ukuhlangana sibe abaqondisi benkampani yethu entsha,” kusho uNksz McCall.
Uthe konke kusanda kuqala kepha inkampani yabo seyibhalisiwe futhi babona bebaningi abakuthakaselayo ukungena kwabo kulo mkhakha.
UNksz Nhleko uthe ubona lokhu kuyithuba elisha azokwazi ukumelana nalo.
“Kuyinto engijabulisayo ukuthola ithuba lokuba nelami ibhizinisi nokungena kwezamabhizinisi. Ngikholwa wukuthi iNingizimu Afrika inamathuba amaningi kakhulu kwezokuvakasha nokungcebeleka yize kunezinkinga kulo mkhakha,” kusho uNksz Nhleko. – Intatheli yeSolezwe
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services