Izinyembezi kugwetshwa iphoyisa

Comment on this story
no Killer Cop INLSA IMINDENI yabashona esigamekweni sokubulawa kwabantu eMlazi yiphoyisa laseKlaarwater iphume ihlukene phakathi enkantolo ngesigwebo saleli phoyisa. Isithombe: THOKOZANI NDLOVU

THOKOZANI NDLOVU

LIKHIHLE isililo nonina iphoyisa laseKlaarwater elaqotha abantu ngenhlamvu ngoNcibijane nyakenye eMlazi naseChatsworth ngesikhathi ijaji eNkantolo eNkulu eThekwini liligixabeza ngeminyaka engu-78 libhadla ejele ngamacala okubulala nawokuzama ukubulala izolo.

Ngesikhathi uSenzwesihle Brian Zondi (27) obengu-Constable esiteshini samaphoyisa iDurban Harbour enikwa lesi sigwebo uhlulwe wukuzibamba waphubuka wakhala esebhokisini lofakazi. Amanye amalungu omndeni wakhe agcine esehlukene phakathi ethulisa yena amanye ezama ukududuza unina.

IJaji elibambile uMnuz Kessie Naidu likhiphe lesi sigwebo maqede lashingila laphuma enkantolo lishiya kukhalwa.

Ngaphambi kokuba limgwebe uZondi liqale ngokuveza ukuthi isenzo sakhe sakhombisa ukungabi namqondo.

“Njengomuntu oyiphoyisa wawuqashelwe ukuvikela umphakathi kodwa wangawenza umsebenzi wakho njengoba kunguwe owabulala. Isenzo sakho kwaba esinesihluku nobudlova ngoba wawufuna ukukhombisa abantu ukuthi ungubani. Wabona bekwehlisa isithunzi ngokukuxosha endlini. Ngokubona kwami nguwe owawuphehla udweshu kuzona zonke izigameko kusuka eMlazi kuze kufike kuHigginson Highway ngaseChatsworth,” kusho iJaji.

Ngamacala amathathu okubulala uthole iminyaka engu-18 kwelilodwa, wathola iminyaka engu-20 kwelesibili, waphinde wathola engu-20 kwelesithathu. Kwamabili okuzama ukubulala uthole iminyaka engu-10 lilinye. Lesi sigwebo sigcine sehle saze saba yiminyaka engu-28 njengoba iJaji lithe isigwebo samanye sizohambisana.

Lesi sigwebo samukelwe ngezindlela ezahlukene yimindeni yabashonelwa. Abanye bebethi le minyaka imfanele abanye bethi mincane. Lokhu kulandela ukuthi umshushisi u-Advocate Khumbu Shazi ecele inkantolo ukuthi igwebe uZondi udilikajele ngecala ngalinye lokubulala, kuthi awokuzama ukubulala kube yiminyaka engu-15 lilinye.

U-Anti kaNkosinathi Biyela (28) owashona kulesi sigameko, uNkk Zanele Mthembu uthe yena ugculisekile ngalesi sigwebo. “Angiboni sisincane. Le ndawo ayohlala kuyona usazohluku-mezeka kuyona iminyaka engakwazi ukwenza yonke into ngokukhululeka,” kusho uNkk Mthembu.

Intombi kamufi uNkosinathi, uNksz Nonhlanhla Makhoba yena ubelokhu ekhihla isililo kungavumi ngisho akhulume. Abebehamba naye bathe ukhala ngokuthi sincane lesi sigwebo ngoba bebelindele inqwaba yodilikajele njengokusho komshushisi.

Amalungu omndeni kaZondi oNksz Nonkululeko Nala ongumzala wakhe noNomusa Ngcobo ongudadewabo wentombi yakhe (uZondi) bebehleka kuvele elomhlathi.

“Okwenziwa umzala kwaba yinto embi kakhulu. Isigwebo asitholile siyasijabulisa kakhulu ngoba besilindele ukuthi uzogwetshwa impilo yakhe yonke ejele. Kodwa manje siyabona ukuthi maningi amathuba okuthi siphinde simbone engaphandle,” kusho uNksz Nala.

UNksz Ngcobo uthe bona basalindele ukuthi aphume ejele aphinde athathe udadewabo uThobile abeseqalile ukumlobola.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.