Izinyembezi Zothando zimlethele impumelelo

Comment on this story
NO ARTIST Group UNKSZ Sthe Mkhize waseMgungundlovu usafuna ukuzibona ephumelela kwezokulingisa emuva kokuthola ithuba lokulingisa efilimini Izinyembezi Zothando. Isithombe: BONGANI MBATHA

LUNGI LANGA

WAYENGAZITSHELI ukuthi ngelinye ilanga angaba ngumdlali wamafilimu osemiswa yinoma ngubani, osesebenze isikhathi eside ecwala izinwele.

Ubukeka emncane kuneminyaka yakhe kepha uSthe Mkhize (40) waseMbali eMgungundlovu, ubona iminyaka yakhe ingeke imphazamise ezifisweni zokuphumelela emkhakheni wamafilimu.

Eminyakeni emibili edlule yena nomngani wakhe babebuka amafilimu base befikelwa wumcabango wokuzenzela eyabo.

“Ngangena ehhovisi lakhe ngelinye ilanga ngafica bebuka amafilimu ngavele ngathi kubo yini engasivimba ukuthi senze eyethu kunokuthi silokhu sibuka amafilimu,” kusho uSthe.

Isikhashana nje base benze izinhlelo zokwenza ifilimu yabo yokuqala, isihloko sayo esithi Izinyembezi Zothando.

“Siqale ukuyiveza lapho sicwala khona izinwele abantu bayithanda bathi bafisa ukuyibona iphumelela ize ifinyelela ekutheni bakwazi ukuyithenga le filimu,” kulandisa lo mlingisi.

Akuphelanga sikhathi esingakanani beyikhiphile abantu base bemmisa, bembuza ukuthi bazoqala nini ukubona isigaba sesibili seZinyembezi Zothando.

Kungekudala bazoqala ukuqopha isigaba sesithathu njengoba sesikhona esesibili futhi sikhombisa isasasa elikhulu kubantu abayithengayo.

Ukulingisa kwakhe kule filimu yikho okumenze wathanda umkhakha wezobuciko ngoba kumenze waqala ukusiza abantu abanesifiso sokudlala emafilimini.

Uthi kuphinde kwambeka esicongweni ngoba ngonyaka odlule ube ngomunye wabantu abasha abahlonishwe ngendondo emcimbini wokuhlonishwa kwentsha evelele KwaZulu-Natal, ngendondo yokuthuthukisa umphakathi.

Lokhu bekuwukuhlonipha umsebenzi awenze ngesikhathi esiza abantu abasiza umphakathi wangakubo.

Akufisa kakhulu ngukubona abantu besifazane bezithuthukisa.

“Abantu besifazane akumele balinde ukuthi bathuthukiswe ngabantu abathandana nabo, kepha kumele bazinikele ekutheni bazithuthukise bona kunoma yini abafuna ukuphumelela kuyo. Uma bengenzi njalo kuzoba nzima ukuthi baphumelele,” kusho uSthe.

Yize engawuyekile umsebenzi wakhe wokucwala izinwele usazimisele ngokuqhubekela phambili nomkhakha wezikaqeda isizungu.

Uthi usefuna ukungena nasemkhakheni wokuklwebha amapuleti.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.