isolezwe1
isolezwe-2
isolezwe-3

Izinyunyana zifuna ahoxe uRamaphosa

Comment on this story


INTATHELI YESOLEZWE

I-ANC namadlelandawonye ayo kuthiwa ibheka indlela enganxusa ngayo usomabhizinisi uMnuz Cyril Ramaphosa ukuba angavumi ukuthi igama lakhe liphakanyiswe njengePhini likaMengameli Jacob Zuma eMangaung ukuze igweme umsindo ongadaleka njengoba sekusele izinyanga ezingu-18 kuyiwe okhethweni lukazwelonke kuleli.

Labo abeseka uMengameli Zuma bathi kunzima ukuba badayise lo mbono njengoba iphini likaMengameli uMnuz Kgalema Motlanthe lingazange lithi vu ngesikhathi labo abalesekayo kade “behlakaza” i-ANC besebenzisa igama lalo.

Njengoba sekusele isonto ukuthi kuyiwe eMangaung uMotlanthe kubonakala emakhulu amathuba okuthiwa akhale ngaphansi ezikhundleni eziphezulu eziyisithupha uma ephokophela nokuthi akakwamukeli lokhu okubekwa ngabeseka uZuma.

NgoLwesine uMengameli Zuma utshele iphephandaba laseNgilandi iDaily Telegraph ukuthi “usekulungele” ukusebenza noRamaphosa, okuyisitatimende esibonakala siyisixwayiso kuMotlanthe ngokuthi isikhathi siyamhambela.

Labo okuthiwa basekhaleni lokuthi kufinyelelwe kulesi sivumelwano noRamaphosa kuthiwa sebebe nochungecghunge lemihlangano. Kuthiwa abafuna kakhulu lokhu yizinyunyana.

URamaphosa nguye oqokwe kakhulu esikhundleni sephini likaMengameli we-ANC, kanti uMotlanthe uqokwe kuphela isifundazwe iNorthern Cape.

Okhulumela uMotlanthe, uMnuz Thabo Masebe uthe ukhululekile ukungeneka noma yikuphi lapho i-ANC imthuma khona.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.