Izitabane zizizwa zingaphephile

Comment on this story
no lisbian funeral7 INLSA INKONZO yomngcwabo kaNksz Mandisa Mbambo ebisehholo lomphakathi eNanda. Izithombe: NQOBILE MBONAMBI

BAWINILE NGCOBO

ABANGANI besitabane saseNanda Mission, eNanda esibulawe ngeledlule bathi bazothutha kule ndawo ngoba sebeyasaba ukuhlala kuyo emuva kokubulawa ngesihluku komngani wabo.

Bakusho lokhu izolo ngesikhathi kufihlwa uNksz Mandisa Mbambo (25) otholwe ngeSonto eledlule endlini yakhe eshaywe kanzima, eboshwe izandla nezinyawo, wagwazwa, enqunu ngesingezansi okwenza kube nezinsolo eziqinile zokuthi waqale wadlwengulwa ngaphambi kokubulawa.

UNksz Nozie Ndlovu ongumngani kaNksz Mbambo ngesikhathi ekhuluma neSolezwe kulo mngcwabo, uthe basashaqekile ngalesi sigameko.

“Siyesaba, siyahamba kule ndawo. Emuva komngcwabo sizohamba sibone ukuthi siya kuphi ngoba kusho ukuthi asisaphephile,” kusho uNksz Ndlovu.

Uthe bebeke baxabane nontanga yabo kule ndawo kodwa uma sekufika kuleli zinga lokubulawa koyedwa wabo, kusho ukuthi kabasaphephile yingakho sebethutha kuyo.

no lisbian funeral2~1 BEKUKHONA noMnuz Mtholephi Mthimkhulu oyilungu lesiShayamthetho enkonzweni yomngcwabo kaMandisa Mbambo ebiseNanda INLSA

UMnuz Ephraime Mbambo okhulumele umndeni, uthe ngeledlule wayekwakhe ngesikhathi ezwa umakhelwane ememeza ethi nayi ingane ibulawa, esho negama lomuntu owayeyishaya.

“Saphuma nonkosikazi sambona eshaya uMandisa esevele elimele kubonakala ukuthi wayekade eqaliwe eshaywa. Ngabe senginyuka safike sabuza ukuthi ingane ishawelani, uma kunesikweletu akasho ukuze sikhokhwe. Kwaze kwaba sengathi uyakhuzeka, saphindela emakhaya,” kusho uMbambo.

UMbambo uthe ngakusasa wathola ucingo olumbikela ngento evelele uMandisa.

“Indlela okwakuyiyo kwakubonakala ukuthi babebaningi abantu abafika bamenzakalisa. UMandisa ubeyingane eziphantelayo, ezibambela amatoho emzini yabantu,’’ kusho uMbambo.

UMnuz Mtholephi Mthimkhulu oyiPhini likaSomlomo esiShayamthetho obehambele lo mngcwabo, uthe uNksz Mbambo ugcwelezwe kakhulu.

“Ngiyajabula ukuthi kukhona oseboshiwe oyisigcwelegcwele esaziwayo, obesanda kuphuma ejele ngamanye amacala,” kusho uMthimkhulu.

Uthe umphakathi kumele usukume, ulwe nanoma yikuphi ukuhlukunyezwa ungabheki ukuthi umuntu uyibuphi ubulili.

“Uma kuwukuthi ubulewe ngenxa yobulili bakhe, siyakugxeka lokho ngoba lelo kuyilungelo lakhe, uma nje engaphazamisi ilungelo lomunye umuntu,” kusho uMthimkhulu.

Uthe umphakathi kumele ubambisane namaphoyisa ukulwa nobugebengu nokusetshenziswa kwezidakamizwa okubonakala kunomthelela omkhulu ekwenzekeni kwezinye izigameko.

UMnuz Sbo Ncanana wenhlangano yabalwela amalungelo ezitabane eThekwini othe use-Eastern Cape kwelinye ihhovisi labo, uthe bathukile ukuzwa ngalesi sigameko.

“Siyaba nazo izinkundla zokufundisa abantu ngempilo yezitabane. Abantu abadala abasiyo inkinga kakhulu bayakwamukela lokhu, inkinga ngabantu abasindisiwe,” kusho uNcanana.

Uthe intsha ehamba izinkonzo zamatende ikakhulukazi zitshelwa ukuthi umuntu oyisitabane unamadimoni.

“Yize kungenzeka ukuthi basuke bangakusho ngendlela embi kodwa abanye abantu bakuthatha ngenye indlela bese begcina benza izenzo ezimbi,” kusho uNcanana.

Amaphoyisa abophe abasolwa abane ngalesi sigameko, bazovela enkantolo eNtuzuma namuhla.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.