BAWINILE NGCOBO
AMAPHOYISA aseThekwini aphenya icala lokubulala nelokuzibulala emuva kokuthi owesilisa kuthiwa uphonse isithandwa sakhe ngewindi efulethini ePhoyinti, eThekwini naye wabe eseziphosa, ngeSonto.
UNksz Siphosethu Nobanda (22) kuthiwa ushone emuva kokuthi ephushwe yisoka lakhe uSkhumbule Bhasha (29) ngewindi efulethini ebelisesitezi sesithupha ePhoyinti.
Kusolakala ukuthi laba babe nengxabano ethinta izithandani ngezithuba zehora lesithupha ntambama ngeSonto lapho uNksz Nobanda kuthiwa ubuze khona uBhasha ukuthi kanti uzomenza nini inkosikazi yakhe
Le ngxabano kuthiwa iphethe ngokuthi balwe, uBhasha wagwaza uNksz Nobanda wabe esemphusha ngewindi esuka esitezi sesithupha wawela phansi.
Kubizwe abezimo eziphuthumayo abafike bakuqinisekisa ukuthi uNksz Nobanda useshonile.
Kuthiwa uBhasha ebona ukuthi sekwenzeke lo monakalo naye ube eseziphonsa ngalo iwindi aphonse kulo intombi yakhe, wawela phansi washonela khona lapho.
Okhulumela amaphoyisa eThekwini, uCaptain Khephu Ndlovu, uthe lezi zithandani kutholakale ukuthi zidabuka e-Eastern Cape kanti akucaci noma bezihlala ndawonye yini noma kukhona obevakashele omunye kuleli fulethi.
Uthe amaphoyisa avule idokodo lokuphenya ngokubulawa kukaNksz Nobanda njengoba uBhasha eqale wamgwaza ngaphambi kokuthi amphushe awele phansi ashone.
Amaphoyisa ayaphenya nangokuzi-bulala kukaBhasha.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services