Izoba wumqansa iSuperSport: Lekgwathi

Comment on this story
no lucky where Gallo Images UKAPUTENI we-Orlando Pirates, uLucky Lekgwathi, uthi kuzoba nzima ukudlula kuSuperSport United abaqhathwe nayo kuma-semi final eMTN 8 azodlalwa ngempelasonto ezayo. Isithombe: GALLO IMAGES

MINENHLE MKHIZE

Ebika eseGoli

UKAPUTENI we-Orlando Pirates, uLucky Lekgwathi, uvuma eyomqansa ohlalele ezakhe ngemuva kokuqhathwa neSuperSport United ku-semi final yeMTN 8.

Ekhuluma neSolezwe, ulekgwathi akazange akufihle ukuthi kuzomele bawuyeke umkhuba wabo wokushaya amagoli ngasekuphelini komdlalo uma bezimisele ukudlula kuSuperSport engompetha beNedbank Cup.

“Usihlalo (Irvin Khoza) usidonse ngendlebe ngokuwina imidlalo ngemizuzu yokugcina. Sisebenza kanzima ukugwema isimo esifuze leso. Emdlalweni weSuperSport sizozama ngayo yonke indlela ukunqoba umdlalo ngokushesha. Siqhathwe neqembu elinzima, iSuperSport United, ebukeka ibuyelwa yifomu emiqhudelwaneni yemikhulumajezi nebisiyaziwa njengeqembu eliwina iligi,” kusho uLekgwathi.

“ISuperSport iyona ezomela elakuleli kuCaf Confederations Cup kanti thina silimele kuChampions League. Lokho kukodwa kusidweba sicace isithombe sokuthi sibhekene nomqansa. IPirates ibambisene futhi idlala njengeqembu, okuyinto esizoyidinga emdlalweni weSuperSport.”

ISuperSport iyona ezoqala ukudlala ekhaya ngempelasonto ka-Agasti 18-19. Umlenze wesibili uzodlalwa ngo-Agasti 25-26. IMoroka Swallows itonyulwe neMamelodi Sundowns komunye umdlalo.

Ngesizini edlule iBucs ishaye iMamelodi Sundowns kuma-qaurterfinal alo mqhudelwano esiwunqobe kabili kulandelana.

“Njengoba kuyithina esivikela lesi sicoco ingcindezi esemahlombe ethu inkulu kakhulu ngoba wonke amaqembu afuna ukusishaya. ISuperSport siyishaye kabili emidlalweni yeligi ngesizini edlule ngakho angicabangi ukuthi izosivumela kalula ukuthi siphinde siyishaye. Kuzoliwa kodwa ekugcineni yithina okumele siphume nomphumela ozosikhomba kowamanqamu. Lesi sicoco sifuna ukusigcina kube ngesethu unomphelo. IPirates yiqembu eliqopha imilando, nakulokhu sibheke ukwenza okufanayo,” kusho uLekgwathi.

EZimnyama zizibekisele indawo kweyandulela eyamanqamu ngokuguqisa iBloemfontein Celtic ngo 1-0 wegoli lika-Andile “Gattuso” Jali emdlalweni obungoLwesihlanu ebusuku e-Orlando Stadium. Ngakolunye uhlangothi ezikaGavin Hunt zithele othulini iFree State Stars ngo 2-1 ePeter Mokaba Stadium ngoMgqibelo.

UThabo September, ohola umkhumbi weSuperSport United, uthe ayibafaki nakancane itwetwe iPirates.

“Asiyisabi iPirates, uma kunjalo kungamele singangeni ngisho enkundleni. Khona siyazi ukuthi baqoqa kwasani kulezi zinsuku. Iqembu elihlanganiswe ngumqeqeshi wethu, uGavin, ngiyalethemba ukuthi lizokwazi ukumelana nobunzima bePirates. Ngeke kube lula ukushaya iqembu elivikela isicoco. Ngesizini edlule basishaye kabuhlungu ngemizuzu yokugcina. Kulokhu kumele sidlale kuze kuphele isikhathi sikanompempe singenzi iphutha langesizini edlule. Okunye okumele sikuqikelele wukuthi asidedeli goli ngomlenze wokuqala,” kusho uSepthemba. ISuperSport sekunesikhathi yagcina ukuthatha lesi sicoco. Isigcine ngo-2005 sisabizwa ngeSAA Super 8 isaphekwa nguPitso “Jingles” Mosimane.

“Sifuna ukuqhubeka nesigqi esisithole ngokudla iNedbank Cup. Kuhle impela ukuthi siqhathwe nePirates ngoba yiwona amaqembu okumele sizihlole ngawo njengoba siyodlala e-Afrika ngonyaka ozayo. Uma ufuna ukuba ngumpetha kumele udlale namaqembu anjengoPirates,” kusho uSeptember.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.