Izobaphutha abangasheshi i-Freelander

Comment on this story
no freepic . IFREELANDER 2 Limited Edition izophenduka inyama njengoba okwamanje kuzodedelwa angu 50 kuphela. Iphuma namasondo angu 19 inch ne spoiler ngemuva kwi-tailgate

IMOTO: Freelander Limited Edition 2

ISINAMUVA lizobukwa ngempela kulokhu njengoba kwa-Land Rover bememezele ukuthi bazokhipha uhlobo olusha le Freelander ebizwa ngeLimited Edition Freelander 2.

Lokhu ngikusho ngoba bathe lezi zimoto zizoba ngu-50 nje kuphela okwamanje. Uma uzinika isikhathi usondela kule moto uzobona ukuthi kungani izophenduka inyama emakethe.

Bayishintshe kakhulu ngaphandle nangaphakathi uma uyiqhathanisa nalena endala namanje esenalo ugazi kwabaningi.

Izinto ezihlukile ezigqamile igrille, amafenda, ispoiler ngemuva kwi tailgate, ipayipi eligqize ngombala ocwebezelayo ngemuva, izibambo zezicabha ezinombala ofanayo nemoto kanjalo nezibuko bese ivala ngamasondo angu 19 inch nerimu lakhona.

Ngaphakathi izinto zishintshe kakhulu njengoba iphuma nezihlalo eziyisikhumba ezisebenza ngogesi abazi kakhulu ngezimoto abathi ngama-sport seats. Izihlalo zinezindawo ezithofozelayo zokuncika kanjalo nezindawo zokubeka izingalo.

Phansi ishaya ngokhaphethi abangajwayelekile kodwa abanombala ohambisana nezicabha ngaphakathi.

Amaphedali phansi yilawo ajwayeleke ukutholakala ezimotweni zejubane nawo ayi sporty.

INJINI NAMANDLA

Le moto itholakala ngenjini engu 2.2 litre SD4 HSE turbo enamandla afinyelela ku 140kW kanye ne-torque engu 420Nm. Isebenzisa ubuchwepheshe be-Intelligent Power Management System (IPMS) obukwazi ukunika i-battery amandla ngesikhathi imoto yehlisa ijubane ngaleyo ndlela ingasebenzisi u-petrol omningi. Ukhona nomunye u-gearbox abathi uyisizukulwane sesibili obizwa nge- Asin Warner AWF21 ongumshini ozishintshayo (Automatic transmission).

Le njini ithe ukuthi thuthu ngezinga, iyawonga futhi u-petrol. Ayigcini nje kuphela ngokuba imoto enhle ebukekayo, kodwa yakhelwe nokuthi ikwazi ukumelama nezimo ezihlukile zomgwaqo njengokuqwala izintaba ngaphandle kokuzwela.

Abantu abasuke bephakathi emotweni ukuphepha kwabo kuyabhekelelwa njengoba iphuma ne-Command Driving Position esiza ekutheni umshayeli akwazi ukubona kalula wonke amakhona emoto. Iphuma nama-airbag ayisikhombisa okukhona kuwo awasezinhlangothini abizwa ngamakhethini, amabili angaphambili neyasedolweni yomshayeli. Akumangazi ukuthi kungani ithole ukuhlonishwa ngezinkanyezi ezinhlanu kwezokuphepha emuva kokuvivinywa emazweni ahlukene.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.