Izobe iqukethe konke iDVD entsha kaLira

Comment on this story
NO_no lira0 BONGANI MBATHA WAWUNGAFUNGA ukuthi isigingci yinto ahlala eyidlala njalo uLira njengoba wayeze aqethuke ngesikhathi ecula ingoma ayenza ngo-2006 ethi Dumisa e-ICC nyakenye ngesikhathi eqopha iDVD ezophuma ngoMsombuluko. Isithombe: BONGANI MBATHA

FANELESIBONGE BENGU

ABANGALITHOLANGA ithuba lokuhambela eyodwa yamakhonsathi awuchungechunge nyakenye entandokazi yomculo we-afro soul, uLira, bazohleka bodwa njengoba kuzophuma iDVD ekhombisa konke okwakwenzeka.

Le DVD ebizwa ngokuthi yiLira: The Captured Tour - Concert Film kulindeleke ukuthi iphume ngoMsombuluko ozayo ezitolo zonke zomculo.

ULira obeqokelwe kumaBlack Entertainment Television (BET) Awards emkhakheni weBest International Act (Africa) nakhale ngaphansi kuwo, wahambela izwe lonke eqopha le DVD edonsa imizuzu engu-163 izinyanga ezintathu.

NgoSepthemba 30 wayeqopha iziqephu eCarnival City (eGoli), wadlulela eBoardwalk Casino (Port Elizabeth), eShowgrounds (Bloemfontein), e-ICC (eThekwini), eGrand West Casino (Cape Town) wayivala eSun City Super Bowl, eNorth West ngoNovemba.

Lo mculi wodumo lwezingoma okubalwa kuzo ethi Feel Good, Phakade, Ixesha nezinye osewine izindondo eziyisishiyagalolunye kuma-South African Music Awards uzokhipha le DVD ngaphansi kwenkampani yakhe entsha i-Aril Films.

ICaptured Tour ngeke kuphela iveze uLira esesiteji kodwa izoveza nangaphambi kokuthi angene esiteji, ubunzima abhekana nabo eyihlanganisa nokunye.

Ngaphandle kwakhe kubuye kuvele umculi we-rap, uPro Verb noRJ Benjamin.

Ngaphandle kwe-DVD abathandi bakaLira bengabukela esiyenziwe yaba mfishane kuM-Nnet nakuM-Net HD ngoJulayi 31, ngo-7.30 ebusuku.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.