FANELESIBONGE BENGU

ABANGALITHOLANGA ithuba lokuhambela eyodwa yamakhonsathi awuchungechunge nyakenye entandokazi yomculo we-afro soul, uLira, bazohleka bodwa njengoba kuzophuma iDVD ekhombisa konke okwakwenzeka.

Le DVD ebizwa ngokuthi yiLira: The Captured Tour - Concert Film kulindeleke ukuthi iphume ngoMsombuluko ozayo ezitolo zonke zomculo.

ULira obeqokelwe kumaBlack Entertainment Television (BET) Awards emkhakheni weBest International Act (Africa) nakhale ngaphansi kuwo, wahambela izwe lonke eqopha le DVD edonsa imizuzu engu-163 izinyanga ezintathu.

NgoSepthemba 30 wayeqopha iziqephu eCarnival City (eGoli), wadlulela eBoardwalk Casino (Port Elizabeth), eShowgrounds (Bloemfontein), e-ICC (eThekwini), eGrand West Casino (Cape Town) wayivala eSun City Super Bowl, eNorth West ngoNovemba.

Lo mculi wodumo lwezingoma okubalwa kuzo ethi Feel Good, Phakade, Ixesha nezinye osewine izindondo eziyisishiyagalolunye kuma-South African Music Awards uzokhipha le DVD ngaphansi kwenkampani yakhe entsha i-Aril Films.

ICaptured Tour ngeke kuphela iveze uLira esesiteji kodwa izoveza nangaphambi kokuthi angene esiteji, ubunzima abhekana nabo eyihlanganisa nokunye.

Ngaphandle kwakhe kubuye kuvele umculi we-rap, uPro Verb noRJ Benjamin.

Ngaphandle kwe-DVD abathandi bakaLira bengabukela esiyenziwe yaba mfishane kuM-Nnet nakuM-Net HD ngoJulayi 31, ngo-7.30 ebusuku.