LUNGILE MAJOKA
IZOBUYA ngonyaka ozayo iVodacom Challenge emva kokuhoxiswa kwayo kulo nyaka ngenxa yokungabi nesikhathi esanele ngokuhlela lo mqhudelwano owasungulwa ngo-1999 ohlanganisa izinkunzi zaseSoweto, i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs.
Izolo abagqugquzeli balo mqhudelwano iSAIL nabaxhasi iVodacom baqinisekise imibiko ekade yasabalala ethi abalandeli bazoyizwa ngendaba kulo nyaka iVodacom Challenge.
Umgqugquzeli wakwaSAIL, uJabu Mathibela, uthe ukungabi khona kwesikhathi esanele sokuhlela umqhudelwano yikhona okubenze bawuhoxise kulo nyaka.
“Isikhathi yisona esibe yinkinga kakhulu. Uma ukhumbula kahle mhlawumbe kusaphele izinyanga ezimbili iVodacom ivuselele ukuseka kwayo la maqembu (Pirates neChiefs). Besingafuni ukuxhamazela, yingakho sibone kungcono ukuthi siwumise kulo nyaka bese siqhubeka ngozayo,” kusho uMathibela.
Ukuqinisekisile ukuthi bebexoxa neNewcastle United edlala ku-English Premiership neTP Mazembe yaseDR Congo njengoba kulo nyaka bekulindeleke ukuthi umqhudelwano ubuyele emaqenjini amane esikhundleni samathathu.
“Ngokujwayelekile sike siqede izingxoxo namaqembu ngoNovemba wonyaka owandulela okuzodlalwa ngawo. Manje sesiqalile amalungiselelo onyaka ozayo. Sesixhumene nenkampani esisebenzisana nayo e-UK ukuthi isibhekele amaqembu.”
U-Enzo Scarcella, esinye sezikhulu zakwaVodacom uzwakalise ukuseseka isinqumo esithathwe abakwaSAIL wathembisa ukuthi kulindelwe umqhudelwano osezingeni eliphezulu ngo-2013.