Advertisement

Izogubha nabesifazane iJoyous

SIZWE BLOSE

IZOTHOKOZISA abantu base-KZN iJoyous Celebration njengoba izoba nekhonsathi eyingxenye yokugubha inyanga yabantu besifazane.

AMANYE amalungu eJoyous Celebration azobe ekhona njengoba izocula e-ICC Arena ngo-Agasti 11. Credit: INLSA

Leli qembu lizoba nekhonsathi e-ICC Arena, Thekwini ngo-Agasti 11.

UMbali Thabethe okhulumela leli qembu, uthe ngaphambi kokuthi beze kuleli dolobha bazoqala eBhayi, e-Eastern Cape lapho bezoba khona namakhonsathi eNangoza Jebe Hall, eNew Brighton ngo-Agasti 3 baqede ngo-Agasti 4.

Uthe inhloso enkulu yokuhambela lamadolobha ngenyanga yabesifazane kuzoba kungukuhlonipha ogogo, omama, osisi, no-anti ngenyanga yabo.

“Okunye okubalulekile kithina njengeqembu ngubudlelwano obuqinile esinabo neMTN njengoba ungoka-16 lo nyaka sisebenzisana nabo. Sizobakhombisa inhlonipho nothando abantu base-KZN, okubalulekile ukuthi baye ema-computickets bayothenga amathikithi ukuze umuntu angagcini ekhala ethi akalitholanga ithikithi,” kusho uMbali.

Uthe kuzokuba nethikithi lika-R170 bese kuba nelika-R300 kanti lo mcimbi waseThekwini uqala ngo-7.30 ebusuku.

UJabu Hlongwane ongomunye wabasunguli baleli qembu, uthe bazokwenza abadume ngako, abantu abalindele lukhulu kubona, bazokwenza isiqiniseko sokuthi babashiya besafuna impinda.

Leli qembu elivamise ukudayisa wonke amathikithi lisungulwe izinsizwa ezintathu zaseKZN okunguLindelani Mkhize, Jabu Hlongwana noMthunzi Namba, lezi zinsizwa ziseyingxenye yaleli qembu kanti zizobe zikhona nazo.

SHOW ALL
Advertisement