Izohlonishwa yibandla i-ECC inkosazana yase-Afrika

Comment on this story
no dlamini zuma Jacoline Prinsloo Nkosazana Dlamini-Zuma

PHUMLILE NTSELE

INTANDOKAZI esanda kuqokelwa ezikhundleni ezimqoka emikhakheni ehlukene yobuholi kuleli izohlonishwa yibandla laseThekwini eliholwa nguPastor Vusi Dube iThekwini Community Church (ECC). UDkt Nkosazana Dlamini Zuma osanda kuqokelwa isikhundla sokuba nguSihlalo weKhomishini ye-African Union (AU) uzohlonishwa nabanye abaholi okukhona kubo noKhomishana wamaphoyisa kuleli uMangwashi Phiyega osanda kuqokelwa ukuphatha lesi sikhundla.

Lokhu kudalulwe nguDkt Taki Dube obhekele izindaba zabesifazane kuleli bandla. Uthi ngaphansi kwesiqubo esithi “excellently women” bazobe bebongela le mbokodo kule nyanga yabesifazane u-Agasti emcimbini osekungowesi-8 wenziwa yileli bandla owaziwa nge-Women of Virtue.

“Kulo nyaka sithe ake sihalalisele omame bethu asebekhuphukele ezitebhisini ezimqoka ekulawulweni kwezwe laseNingizimu Afrika.

“Yize bematasa, nezwe lilindele lukhulu kubona nsuku zonke ngenxa yezinselelo ezinzima eziza namahhovisi abawaphethe kodwa nathi njengebandla sibone kufanele sihalalise kanye nabo,” kusho uDkt Dube.

Uthi kuyimanje konke sekumi ngomumo ngohlelo lwalolo suku okungu-Agasti 12 kulo leli bandla kanti bonke “osingaye” sebekuqinisekisile ukuthi bazobe bekhona ukuzomukela imiklomelo ehambisana nokuhlonishwa kwabo ngalolu suku okuyobe kuyiSonto.

NO_phiyega0 Riah Phiyega INLSA

Uqhube wathi ziningi izinhlelo ezizoqhubeka ezizokwandulela usuku olukhulu okubalwa kuzo ukukhulekelwa kwabo, ukuhlonyiswa kwabesifazane ngezindlela nokubaluleka kokonga imali. Kubuzoye kukhulunywe kabanzi ngomuntu wesifazane nobumqoka bokunakekela isibeletho sakhe okuyiso esiletha umuntu emhlabeni.

Uthi lapha kuzobe kukhona udokotela ongungoti wezindaba zabesifazane nabanye ongoti abazobe bekhuluma ngaphansi kwezihloko ezahlukene.

Lolu hlelo lwezinkulumo luzoba ngo-Agasti 8.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.