Izoshisa kakhulu kunakuqala iTshisa

Comment on this story
no Mbali Maphumulo1 . UMBALI Mlotshwa uzobe ekhona kwisizini entsha yeTshisa. Kulokhu uzobe engena emkhakheni wokumodela. Ngabe naye uzogcina esebhema izidakamizwa? Isithombe: FACEBOOK

BONISWA MOHALE

EMUVA kokushisisa ithelevishini amasizini amabili, umdlalo obheka okuhle nokubi emkhakheni wezokungcebeleka iTshisa uyabuya.

Le sizini yesithathu elindelwe ngabomvu izoqala ngoLwesihlanu ngoMeyi 25.

Kwisizini edlule izinto zazingamhambeli kahle uBafana (Bongani Masondo), yaphela esehamba ngesihlalo esinamasondo ngemuva kokudubuleka eqolo.

Ekhaya impilo ibingemnandi njengoba umfowabo uBheki (Melusi Yeni) ebesemthathele isithandwa sakhe uPrecious (Mbali Mlotshwa).

Lo mdlalo uveza konke okwenzeka emkhakheni wezokungcebeleka kusukela kubaculi abathandwa ngamantombazane nokuthi kungani abaningi befa bengenamali.

NO_Bafana0 UBongani Masondo odlala indawo kaBafana kwisizini yesithathu ye-Tshisa. Kulokhu uzobe ezikhipha ebugqileni bezidakamizwa futhi efunda nokuzihambela Ex-QDMS

Kuyavela ukuthi izinkampani eziningi azinandaba nempilo yomculi kodwa zibeka phambili inzuzo.

Lokhu kuyacaca uma ubheka impilo kaBaksteen (Innocent Masuku), okhule ewumfana onamaphupho kodwa uthi angangena emculweni angene esilingweni sezidakamizwa.

Ugcina esephila impilo yobugebengu ngenxa yezidakamizwa.

Amantombazane amthandayo o-Noxie noLindiwe bayangena naye obishini.

Kolunye uhlangothi unesiphalaphala sentokazi u-Ayanda onebhizinisi elihamba kahle kodwa indoda ayithandayo kayifuni ukumshada.

Abadidiyeli balo mdlalo bathembise abalandeli bawo ukuthi uzobe ushisa kakhulu kunakuqala kwazise abalingisi bazobe bezama ukuzitakula obishini abakulona.

Okuzothokozelwa ngabathandi bemidlalo engama-drama wukuzwa izindaba zokuthi intandokazi yomlingisi wakuleli uVatiswa Ndara uzobe eyingxenye ye-Tshisa kule sizini.

UVatiswa wazitholela indawo yakhe ezinhliziyweni zabantu bakuleli ngokulingisa indawo yowesifazane owayeqisa ezinkambeni zikaFaro kwi-Home Affairs.

Kusukela lapho ababukeli bethelevishini bayazifela ngalo mlingisi obuye abe ngumfundi wezindaba emsakazweni.

Ngabe bazokwazi ukuphuma ezidakamizweni besengaphakathi kulo mkhakha wezokungcebeleka?

Ngabe umuntu uyakwazi ukuphumelela kukho konke akufisayo empilweni?

Lena ngeminye yemibuzo okulindeleke ukuba iphenduleke kwisizini yesithathu yeTshisa.

Abadlali abashintshanga njengoba kusekhona o-Innocent Masuku odlala indawo kaBaksteen, igeza lensizwa uBongani Masondo olingisa indawo kaBafana, umfowabo uBheki odlalwa nguMelusi Yeni.

UThandy Matlaila usekhona njengoba esalingisa indawo ka-Lindiwe, uMbali Mlotshwa udlala indawo kaPrecious.

Ubuyile noZukisa Matola olingisa u-Ayanda, kuzobe kukhona no-Vatiswa Ndara olingisa indawo kanina ka-Ayanda uThembela.

ITshisa izoqala ngoLwesihlanu Meyi 25 ngo-8.30 ebusuku.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.