.
UDEMOR (kwesokudla) oyilungu leShana eyakhiwe nguye noBlack Coffee (ophakathi) noShota (kwesokunxele) uthi njengoba ezokhipha |i-albhamu yakhe yedwa akusikho ukuthi ufuna ukuncintisana nozakwabo
FANELESIBONGE BENGU
ILUNGU leqembu iShana, uDemor, okuwuye yedwa ongakaze akhiphe i-albhamu ethi yena, uthi ukukhipha kwakhe i-albhamu kule nyanga akusho ukuthi uncintisana nozakwabo.
UDemor, oyilungu leShana ehlanganiswe nguye, uMnqobi “Shota” Mdabe noNathi “DJ Black Coffee” Maphumulo okubukeka izinto zibahambela kahle kwezomculo ngemuva kokukhipha ngabodwa, uthe inhloso yakhe yokukhipha i-albhamu yedwa yingoba ufuna ukuxoxa eyakhe indaba.
“Akusikho ukuthi ngifuna ukuncintisa kodwa ngiyikhipha ngoba ngifuna ukuxoxa eyami indaba futhi ngiyikhishiswa wukuthi ngingakwazi. SiyiShana siyasekana kwesikwenzayo,” usho kanje.
UDemor, ogama lakhe langempela nguThandukwazi Sikhosana, uthe uhlale ebuzwa ngabantu ukuthi akesabi yini ukuthi engahle engabi nayo inhlanhla efana netholwe ngozakwabo uShota noBlack Coffee yokuthi uma bezimele bephumelele.
“Angibhekile ukuthi ngikhiphe izingoma ezizoshisa izikhotha kodwa kuyoba ngabantu okuyibo abazojaja ukuthi bawuzwa unjani umculo wami. Uma bengawuthandi kuyoba kungenankinga nalokho,” kusho uDemor ingoma yakhe entsha ethi Angel ayenze noTira noDanger esizwakala emisakazweni.
UDemor uthe i-albhamu yakhe izobizwa ngokuthi yiSuccess kanti izoba nezingoma ezingu-15.
Uthe usebenze nabaculi okukhona kubo uShota, Bucie, Professor, DJ Sdoko nabanye.
“Mina ngikholelwa wukuthi sengizuze okuningi emculweni nokuyingakho i-albhamu ngiyibiza ngokuthi yiSuccess. Ngisebenze noBucie (wodumo lwengoma ethi Superman ayenza noBlack Coffee) ngambeka kuleli zinga akulo manje futhi ngiphrojusele abaculi abaningi izingoma zabo. Abantu abaningi abazi ukuthi sengiphrojusele abaculi okubalwa kubo uProfessor, Bucie, Lebo Mathosa, Thembi Seete nabanye abaningi,” kusho uDemor.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services