Kazi iyozala nkomoni kuKeagan?

Comment on this story
NO_keagan0 . IZINSIZWA ezimbili zakuleli uKeagan noLee bakuleli ebeziyingxenye yohlelo olusha iBig Brother Stargame. Lapha bathathwe nomethuli walolu hlelo u-IK. UKeagan nguyena osesele kulolu hlelo oluzophela ngeSonto nalapho kuzomenyezelwa khona odle umhlanganiso

INTATHELI YESOLEZWE

NGABE kuzoqopheka umlando iNingizimu Afrika idle umhlanganiso emncintiswaneni wethelevishini osudonse izinyanga ezintathu, iBig Brother Africa: Stargame?

Lo mbuzo ubusa imiqondo yababukeli abaningi ababuka lolu hlelo oludlala ubusuku nemini ku-Channel 198, ku-DStv.

Insizwa yaseKapa emele iNingizimu Afrika, uKeagan, ibalwa nabantu abanamandla nabayizi-mfivilithi kulolu hlelo, nosekunyuse amaphaphu kubantu bakuleli njengoba kungakaze kuwine umuntu wakuleli kulo.

Yize ebalwa nezimfivilithi uKeagan kepha athanda ukumnciphela amathuba uma ubheka abanye asesele nabo kulo mqhudelwano.

Usesele nomculi waseNamibia uLady May, umculi waseKenya uPrezzo, uWati (Malawi), Talia (Zambia) noKyle wase-Uganda.

Uma ubheka umlando walolu hlelo nendlela abantu abavota ngayo abukeka emnciphela uKeagan amathuba okuthola amavoti awadingayo.

Amavoti abalwa ngamazwe, okusho ukuthi izwe ngalinye linevoti elilodwa, noma ngabe iNingizimu Afrika ingamvotela kaningi kangakanani lizobalwa njengevoti elilodwa.

INingizimu Afrika njengoba isohlwini lwesigungu samazwe aseningizimu ne-Afrika, iSouthern African Development Community (SADC) ibivame ukuhlanganyela ngevoti nalawa mazwe, okuzoba nzima kulokhu njengoba nawo esenabantu abawamele, okunguLady May, Wati noTalia.

Ukube laba bese bephumile kulolu hlelo ubengasizakala uKeagan ngokuthola ivoti kulawa mazwe njengoba iSADC ibivota ngokuhambisana.

Amazwe asempumalanga ne-Afrika nawo abevamile ukuzwelana neNingizimu Afrika kulolu hlelo kepha nawo asamelwe nguPrezzo noKyle, okusho ukuthi nawo azovotela abantu bawo.

Kawasamelwe muntu amazwe asentshonalanga ne-Afrika kepha ngokomlando weBig Brother Africa akuvamile ukuthi lawa mazwe avotele iNingizimu Afrika.

Mhlawumbe angase alithole ivoti leGhana njengoba uKeagan ayengumngani omkhulu kaKeita, owashaywa yivoti.

Akhona amazwe aseningizimu ye-Afrika asephumile kulolu hlelo okuyiZimbabwe neBotswana kepha okungaba yinkinga ngukuthi kunosaziwayo uKeagan ancitisana naye waseNamibia, obelokhu eyimfivilithi kubabukeli uLady May ongahlwitha amavoti akhe.

Akusensuku zingaki kucace ukuthi uKeagan angaba nenhlanhla yini yokuwina u-$300 000 njengoba kuzocaca ngeSonto, ngo-7 ebusuku selufika emaphethelweni lolu hlelo.

Ukuvotela uKeagan thumela i-sms ebhalwe ukuthi Keagan kule nombolo 33729, ungavota nakwi-website yalolu hlelo www.bigbrotherafrica.com


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.