Konke kumi ngomumo nge-Top Gear Festival

Comment on this story
NO_cars0 inlsa KUZOBE kukhonjiswa ngezimoto ezinhle zodwa embukisweni wezimoto iTop Gear ozoba ngempelasonto. Esithombeni nguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa kwezomnotho nezokuVakasha KwaZulu-Natal uMnuz Michael Mabuyakhulu ngesikhathi kwethulwa lo mbukiso. Isithombe: TERRY HAYWOOD

BONISWA MOHALE

KONKE sekumi ngomumo ngamalungiselelo ombukiso wezimoto omkhulukazi i-Top Gear njengoba sekufakwe nendawo yokuhlala abazobe bebukela emigwaqeni ehlukahlukene.

Uma uzitshela ukuthi lo mbukiso uzobe useMoses Mabhida Stadium kuphela khohlwa yilokho ngoba izimoto zizobe zibubula kuyo yonke migwaqo egudla ulwandle.

Kuzoba nembukiso omkhulu eMoses Mabhida lapho abethuli be-Top Gear uJeremy Clarkson, Richard Hammond no-James May bezobe bekhona.

Laba bethuli basuke bekutshela konke odinga ukukwazi ngezimoto kusukela enjinini yayo kuya kwezokuphepha.

Kuzobe kukhona ne-The Stig okungumuntu osuke egqokise okwabashayeli bezimoto ezincintisana kwi-Formula 1 okunguye ongasabi ukuhambisa okwedela kufa emgwaqeni.

Abazohambela lo mbukiso bazobhema bakholwe ngoba kukhona nendawo yokubuka izimoto ezibizayo ezizobe zikulo mbukiso.

Kuzobe kukhona cishe zonke izinkampani ezikhiqiza izimoto zizokhangisa ngemikhiqizo yazo emisha.

Amathikithi okubuka i-Top Gear asuka ku-R993 ayoma ku-R250 ashibhile kanti nomndeni uyabhekelelwa njengoba kukhona ithikithi lo mndeni elithatha abantu abadala ababili nezingane ezimbili ezineminyaka engaphansi kuka-12 abiza u-R1 750.

Kunemigwaqo ezovalwa kanti umbukiso wokuqala uzoba ngoMgqibelo ngoJuni 16 ngo-2 ntambama kuthi olwesibili lube ngo-7.30 ebusuku kuzoba esifanayo nangeSonto.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.