Advertisement
X

Konke kumi ngomumo nge-Top Gear Festival

BONISWA MOHALE

KONKE sekumi ngomumo ngamalungiselelo ombukiso wezimoto omkhulukazi i-Top Gear njengoba sekufakwe nendawo yokuhlala abazobe bebukela emigwaqeni ehlukahlukene.

KUZOBE kukhonjiswa ngezimoto ezinhle zodwa embukisweni wezimoto iTop Gear ozoba ngempelasonto. Esithombeni nguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa kwezomnotho nezokuVakasha KwaZulu-Natal uMnuz Michael Mabuyakhulu ngesikhathi kwethulwa lo mbukiso. Isithombe: TERRY HAYWOOD. Credit: inlsa

Uma uzitshela ukuthi lo mbukiso uzobe useMoses Mabhida Stadium kuphela khohlwa yilokho ngoba izimoto zizobe zibubula kuyo yonke migwaqo egudla ulwandle.

Kuzoba nembukiso omkhulu eMoses Mabhida lapho abethuli be-Top Gear uJeremy Clarkson, Richard Hammond no-James May bezobe bekhona.

Laba bethuli basuke bekutshela konke odinga ukukwazi ngezimoto kusukela enjinini yayo kuya kwezokuphepha.

Kuzobe kukhona ne-The Stig okungumuntu osuke egqokise okwabashayeli bezimoto ezincintisana kwi-Formula 1 okunguye ongasabi ukuhambisa okwedela kufa emgwaqeni.

Abazohambela lo mbukiso bazobhema bakholwe ngoba kukhona nendawo yokubuka izimoto ezibizayo ezizobe zikulo mbukiso.

Kuzobe kukhona cishe zonke izinkampani ezikhiqiza izimoto zizokhangisa ngemikhiqizo yazo emisha.

Amathikithi okubuka i-Top Gear asuka ku-R993 ayoma ku-R250 ashibhile kanti nomndeni uyabhekelelwa njengoba kukhona ithikithi lo mndeni elithatha abantu abadala ababili nezingane ezimbili ezineminyaka engaphansi kuka-12 abiza u-R1 750.

Kunemigwaqo ezovalwa kanti umbukiso wokuqala uzoba ngoMgqibelo ngoJuni 16 ngo-2 ntambama kuthi olwesibili lube ngo-7.30 ebusuku kuzoba esifanayo nangeSonto.

SHOW ALL
Advertisement