SIZWE BLOSE

LISHINTSHE ukwenza iGagasi FM, lo msakazo kade sewuzakhele isigcwagcwa kwabaningi ngokuhluleka ukugcwalisa izindawo lapho usuke wenze khona umcimbi. Ngalempelasonto esiphuma kuyona lo msakazo uqophe umlando njengoba ugcwalise kwaze kwashoda indawo yokunyathela eCapellos, eMgungundlovu, okuyindawo yobumnandi.

Ukugcwala kweCapellos kunike elikhulu ithemba lokuthi kuzobe kufiwa nakwi-Fact Durban Rocks okuwumcimbi eliwenza ngokubambisana ne-Afrotainment ephethwe nguMthokozisi Khathi abaningi abamazi ngoDJ Tira ozokuba kuleli sonto esiya kulona.

Abathandi bobumnandi eMgungundlovu badele amakhaza abeshubisa umnkantsha bahambela lo mcimbi obekucula kuwona uBhar oshisa izikhotha kulezi zinsuku. Lo mculi ubehambisana noSir Bubzin naye ezimhambela kahle izinto kulezi zinsuku kule ndima yezo mculo.

Abantu baseMgungundlovu bebekhuluma bukhona nezilomo zabo zakwiGagasi FM okungabalwa kuzona uLekomotion, TP, Mimi K noKini Shandu.

UDJ Tira ubajabulise kakhulu abantu abebehambele lo mcimbi, lo DJ ube eseshaya adume ngazo ngokungafuni ukuphuma kwi-DJ Box. Into eba mnandi uma kudlala uTira ukuthi uthatha umbhobho ajabulise abantu ngalezi ziqubulo zasemakilabhini.

UBhar bamthande kakhulu abantu baseMgungundlovu yize ecule sekuyosa, okuthuse abanye kube ukungaculi kukaJoocy obekuthiwe naye uzocula. Lokhu kwenze uDJ Le Soul asheshe angene okube uyena ovale umcimbi.

Izinga lalo mcimbi beliphezulu kakhulu, iningi labantu lihambe sewuphelile ngabo-6 ekuseni.