isolezwe1
isolezwe-2
isolezwe-3

Kubhekwe uZuma ekuholeni i-ANC

Comment on this story


Copy of st p1mugGWEDE (30635041) (30634606)

Theresa Taylor

MNUZ Gwede Mantashe

MDU NCALANE

Ebika eseMangaung

IZINKOMBA zengqungquthela ka-53 ye-ANC eqhubeka eMangaung zibonisa ukuthi uMengameli Jacob Gedleyihlekisa Zuma uzoqhubeka nokuhola leli qembu.

Lokhu kucace izolo emini ngesikhathi ikhomishana yokhetho isingethe udaba lokukhethwa kwabaholi ezikhundleni eziyisithupha zokuqala.

Kube nehlokomo ngesikhathi kumenyezelwa igama likaMnuz Kgalema Motlanthe njengozobanga noZuma. Le nhlokomo ibingasohlangothini olulodwa lwetende okuhleli kuyona le ngqungquthela. Ngakolunye uhlangothi kuchwaze iningi lashaya amakhwela namatafula ngesikhathi sekubizwa igama likaZuma.

Lokhu kube yinkomba yokuthi izithunywa eziningi azinanazi ngokuthi zifuna uZuma aphinde alithathe ihlandla lesibili.

no Copy of Copy of ST ANCmangaungCongress503

Mnuz Fikile Mbalula

INLSA

Kuthule cwaka ngesikhathi uMnuz Thobile Peters wekhomishana yokhetho ebuza ukuthi kulaba baholi ukhona yini ohoxayo.

Emuva kokuba kungaqhamukanga noyedwa kuphinde kwaduma ihlombe elikhulu neliyinkomba yokuthi sohlangana evotini.

Esikhundleni sePhini likaMengameli uSihlalo kazwelonke we-ANC osephumile uNkk Baleka Mbethe, noMnuz Kgalema Motlanthe bahoxile kulesi kwasala uMnuz Matthews Phosa, Cyril Ramaphosa, noTokyo Sexwale. Kuthe nya kubizwa igama likaSexwale, kwaphinda kwathi nya kubizwa elikaPhosa kwase kuvumbuka inhlokomo eyisimanga uma kubizwa elikaRamaphosa.

Esikhundleni sikaSihlalo kazwelonke bekuphakanyiswe uNdunankulu waseFree State uMnuz Ace Magashule, kodwa wahoxa, uNkk Thenjiwe Mtintsho naye wahoxa, kwasala uNkk Thandi Modise noMbete ohlokonyelwe yitende ngehlombe.

Akekho ofune ukugoba uphondo esikhundleni sikaNobhala-Jikelele kaKhongolose phakathi kukaMnuz Fikile Mbalula, oshayelwe ihlombe elincane nobonakale emincile noMnuz Gwede Mantashe naye onanelwe ngenhlokomo.

Isikhundla ebesibangwa ngabaholi abayisihlanu ngesePhini likaNobhala-Jikelele kodwa kugcine kusale igama lika-Jessie Duarte ongabangiswanga ngumuntu okusho ukuthi angeke sisavotelwa.

Isikhundla sokugcina esikhombise ukuthi uhlu lukaZuma luzozihambela lodwa ngamavoti ngesikaMgcinimafa lapho kuphakanyiswe khona uMnuz Paul Mashatile, noDkt Zweli Mkhize.

Lishone elayizolo sekuzovotwa kanti imiphumela yalolu khetho ilindeleke namuhla.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.