INLSA
UNGQONGQOSHE wezokuBusa nokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uNksz Nomusa Dube okhala ngobuvila bamakhansela okuvela ukuthi kukhona angalubhadi ngisho emihlanganweni yomasipala angaphansi kwawo
CELANI SIKHAKHANE
KUKHALWA ngokuntula ulwazi nobuvila emakhanseleni omasipala baKwaZulu-Natal nokuholela ekutheni kugcine sekube nezimali zokuthuthukisa imiphakathi ezigcina seziphindiswe emuva zingasetshenziswanga.
Lokhu kuvele engqungqutheleni yezinsuku ezintathu yoSomlomo bomasipala abehlukene esifundazweni ezophothulwa namhlanje eLangeni Hotel, eThekwini.
UNgqongqoshe wezokuBusa nokuBambisana neziNdaba zoMdabu esifundazweni uNksz Nomusa Dube obeyingxenye yale ngqungquthela, uthe kunamakhansela avilapha ngisho ukuhambela imihlangano yomasipala nokwenza agcine engazi ukuthi kwenzekani ngaphakathi.
“Inkinga ekhona ukuthi kunezigidi zamarandi eziyingxenye yesabelo mali komasipala ezigcina zibuyiselwe emuva nothola ukuthi amakhansela awazi lutho ngazo ngenxa yokuthi awazihluphi ngokuba yingxenye yezinqumo ezithathwa emihlanganweni esuke iqhubeka. Ngaphandle kwalokho uma kwenzekile babakhona kulowo mhlangano bavele bahlale amahora amabili noma elilodwa bese bejaha etiyeni kungakafikwa ngisho ezinqumeni zomhlangano,’ kusho uNksz Dube.
Ubekusho lokhu ekhala nangokuthi kwabanye omasipala kuvela ukuthi kunamakhansela avele afakwe emakomitini angawaqondi futhi angenalwazi ngawo nokuyinto enomthelela wokugqoza kwentuthuko kubantu.
“Uma ubheka uthola ukuthi ekomitini lezokuvakasha kufakwe umuntu ongazi lutho ngalo mkhakha nongaqondi ukuthi abantu bendawo engaphansi kukamasipala wakhe badingani kwezokuvakasha. Kwesinye isikhathi uthola ukuthi omunye ufakwe ekomitini lezezimali noma lezomthetho kodwa akanalo ngisho oluncane ulwazi ngalowo mkhakha,” kusho uNksz Dube.
Uthe basemizameni yokuthi lesi simo basilungise ngokuthi kwenziwe ucwaningo ngokwamakhono amakhansela ukuze kubonakale ukuthi umuntu othile angakwazi ukungena kuliphi ikomiti ukuze bakwazi ukusiza ngokufundisa ngalawo makhono.
Kulo mhlangano kuphakanyiswe ukuthi oSomlomo neziMeya kumele basebenzisane ngaphandle kokuvimbana ukuthi umuntu kumele abhekane naliphi ikomiti ngoba amandla abanikezwe wona ayalingana.
UMnuz Roman Liptak we-IFP uthe inkinga ukuthi wonke amakomiti abhekelela ukusebenza kwamakhansela aphethwe abe-ANC okuyinto eyinkinga ngoba angeke wenze amaphutha uphinde uziphenye wena.
Kuphinde kwaphakanyiswa ukuthi kumele oSihlalo bekomiti elibhekele ukusetshenziswa ukusetshenziswa kwezimali komasipala iMunicipal Public Accounts Committee benze lo msebenzi ngokugcwele.
UNksz Dube uthe lolu daba basaluxoxa kanti bazothi uma befika esivumelwaneni bese bethatha isinqumo.
Uphinde wakubeka kwacaca ukuthi uma kukhona okushaya amanzi ngokuphathwa kwezimali okwenzeka ngesikhathi kusekhona ubuholi obudala komasipala obuphume ngemuva kokhetho lwango-Meyi 11, 2011 kumele baphenywe nabo babuyiswe bazobekwa amacala.
USolwazi wase-University of KwaZulu-Natal uNksz Betty Mubangizi, uthe kubalulekile ukuthi amakhansela asebenzisane nomphakathi axhumane nawo aphinde akwazi ukwenza ucwaningo oluzosiza ukuthi abe nolwazi olunzulu ngokuthi yini edingwa abantu ababaholayo.
UMnuz George Mari we-DA uthe kumele kuyekwe ukufakwa kwabantu ezikhundleni ngokwepolitiki ukuze omasipala basebenze ngendlela.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services