Advertisement
logoSections

Kubi kumfundi (13) ozidubule esikoleni

UBANGWA nezibi esibhedlela umfundi wesikole samabanga aphansi iTongaat Primary kulandela ukuzidubula ngephutha ngesikhathi edlala ngesibhamu sikanogada.

Isigameko senzeke izolo ntambama ngesikhathi sekuzophuma isikole. Umfundi (13) akucaci ukuthi usithole kanjani isibhamu sikanogada edlale ngaso kanti sizoqhuma, wabe eselimala.

UMNUZ Senzo Mchunu onguNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal usemkhankasweni wokuqinisa idolo umphakathi ngezokuphepha ezikoleni. Credit: S'bonelo Ngcobo

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uCaptain Thulani Zwane, usiqinisekisile isigameko wathi kuboshwe unogada.

UZwane uthe umboshwa oneminyaka elinganiselwa ku-38 uzobhekana necala lokuphatha budedengu isibhamu emagcekeni esikole.

Kulindeleke ukuthi avele namuhla eNkantolo yeMantshi yasoThongathi.

Ngesikhathi sokuloba izolo bekungakacaci ukuthi isibhamu sifinyelele kanjani kumfundi nokuthi uphume kanjani ekilasini lokufunda njengoba eze walimalela endaweni okungalindelekile ukuthi angatholakala kuyo engumfundi.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Muzi Mahlambi, uthe uNgqongqoshe Senzo Mchunu uphatheke kabi ngokubikelwa ngalesi sigameko. Uthe uMchunu udlulisa amazwi enduduzo emndenini kamfana ngalo mshophi owenzakalile. Uthe uMchunu unxusa ukuthi abantu behlise amaphaphu ukuze kuzotholakala ukuthi kudinga kwenziwe njani. Uthe uzwelana nomndeni futhi bamfisela ukuthi alulame ngokushesha umfundi. Okwamanje bazoyekela ezandleni zamaphoyisa ukuze ekugcineni kuthathwe izinyathelo ezinqala.

Namhlanje kuzothunyelwa ithimba labaluleka ngengqondo ukuze beluleke abafundi.

Ukulimala kwalo mfundi esikoleni kuqhamuke esikhathini lapho uMchunu ezama ukuqinisa umphakathi nezinhlaka ezithinteka kwezemfundo idolo ngokuthi isimo semfundo nezokuphepha ziseqhulwini.

Kwenzeka lokhu nje ngesonto eledlule eThornville ngaseMgungundlovu kwatholakala umuntu eshonile esikoleni egwaziwe yize kukhona onogada.

Kuthiwa wagwazwa abantu ababeqhamuka ngaphandle kwesikole.

SHOW ALL
Advertisement