Kubonwa ngokusa kumsakazi woKhozi

Comment on this story
no zimdollar2 . UZIM DOLLAR olele esibhedlela saseShowe ngemuva kwengozi yemoto emehlele ngoMsombuluko ntambama eShowe

SIZWE BLOSE

KUBONWA ngokusa kumsakazi osanda kusebenzela Ukhozi FM ovelelwe yingozi yemoto edlule nomphefumulo, eyenzeke phakathi kwaseNkwalini naseShowe.

UZimiphi Biyela (29) owaziwa kakhulu ngelikaZim Dollar ngabalaleli bohlelo alushayela ngoMgqibelo ekuseni kuKhozi FM, uphuthunyiswe esibhedlela kukubi ngoMsombuluko ngezithuba zawo 6.30 ntambama ngemuva kwale ngozi eyenzeke elibangise eNkandla esuka eMelmoth.

Umthombo waleli phephandaba uthe le ntokazi beyisuka eMelmoth ilibangise kwesinye sezikole eNkandla.

“Ithe seyiphakathi kwaseNkwalini naseShowe kwanezinkomo eziwela umgwaqo, uZim Dollar ube eseyimisa imoto yakhe enzela ukuthi zidlule ngokukhululeka izinkomo. Kube sekuqhamuka imoto ebeyihamba ngesikhulu isivinini ngaphambi kwakhe. Ngenxa yokuthi izinkomo bezihamba emzileni wale moto, umshayeli wayo ube esezama ukuzivika wase ebuyela ecaleni ebelinemoto kaZim Dollar, wangena phezu kwayo,” kuchaza lo mthombo.

Uthe imoto kaZim Dollar iphelile indaba yayo, yena waphuthunyiswa esibhedlela. Indoda ebihamba ngale enye imoto ishonele khona endaweni yesehlakalo.

UCaptain Tinkie Van Vuuren, okhulumela amaphoyisa aseShowe usiqinisekisile lesi sehlakalo. Uthe ingozi idlule nomphefumulo kaMnqobi Mtshali athe ushonele endaweni yesigameko.

“Livuliwe idokodo lokubulala ngokungenanhloso. Okunye esifuna ukukubalula wukuthi umgwaqo unazo izimpawu ezikhombisa ukuthi kunezinkomo kanti nesimo sezulu besisihle,” kuchaza uVan Vuuren.

Uphethe ngokuthi isimo sikaZim Dollar sibucayi kodwa akathandanga ukwanda ngamazwi.

UBonga Mpanza ongumphathi woKhozi FM unikele esibhedlela ngemuva kokuzwa ngengozi.

UMpanza uthe ngokubona kwakhe uzolulama uZim Dollar.

“Ngeke wazi kodwa, yena akanazibazi emzimbeni. ngokubona kwami baphazanyiswe yizinkomo kodwa engingakusho wukuthi abalaleli boKhozi FM abehlise umoya ngoba isimo siyethe-mbisa,” kusho uMpanza.

Kungekudala uNolwazi Machi, owenza ezemidlalo kulo msakazo, yalimala yaphela imoto yakhe ngemuva kwengozi.

Kwaba yiso nasemotweni kaThandeka Zondo, naye osanda kuqashwa oKhozini ngesikhathi imoto yakhe iphela indaba yayo ngemuva kokushayisa udonga.

UJacinta Ngobese weGagasi FM, imoto yakhe entsha kwaphela ngayo ngemuva kwenye futhi ingozi.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.