Advertisement
X

Kuboshelwe izihlabani emcimbini wabaculi bokholo

UMPHATHI weBig Fish Productions uthi abaculi abayeke ukulinda abagqugquzeli bemicimbi kodwa abazihlanganisele eyabo, ngale kwalokho bazolamba.

USipho Makhabane uthi awukwazi ukulinda omunye umuntu ukuthi akuqashe ukuze ube nemali kule ndima. “Kubalulekile ukuzihlelela umcimbi yingakho nje nami ngenze njalo,” kusho uMakhabane.

Bazobe benza kanje e-Ellis Park Stadium ngo-Agasti 4 uSipho Makhabane noHlengiwe Mhlaba ku-Khozi FM Gospel Music Festival. Credit: Group

Uthe ngo-Agasti 4 uhlele indumezulu yomcimbi ozokuba se-Coca Cola Park (Ellis Park Stadium) lapho okuzobe kucula khona abaculi bomculo wokholo abanohlonze. UMakhabane uthe kuzokube kukhona uS’fiso Ncwane, Solly Mahlangu, Sechaba, Israel Mosehla, Thobekile Mkhwanazi, Pastor Ncanda, Rebecca Malope, Winnie Machaba nabanye.

UMakhabane uveze ukuthi lo mcimbi bawenza noKhozi FM njengoba uzokube ubizwa ngoKhozi FM Gospel Music Festival.

UMu Ngcolosi oyiMarketing Manager yoKhozi FM uvumile ukuthi bayingxenye yalo mcimbi futhi bazowusebenzisa ukubonga abalandeli boKhozi FM njengoba sebenyukelwe yisibalo safika ku-7.2 million. “Kulo mcimbi sizokube sihamba nabo bonke abasakazi boKhozi, sicela abalaleli balo msakazo bafike ngobuningi babo ngoba kuzokube kumnandi,” kusho uMu.

UMakhabane uthe ngeke kugcine ngomculo kodwa kuzokuba nezinkulumo ezakhayo ezizokube ziqhamuka kubefundisi abehlukene.

Uphethe ngokuthi amathikithi aqala ku-R80, kube nelika R100, kugcine elika-R130 ayatholakala kuma computickets.

SHOW ALL
Advertisement