Advertisement

Kuboshelwe izinkakha ekhonsathini kaSolly

MBALI KHANYILE

IZINKAKHA zomculo wokholo zizojabulisa abalandeli bazo ekhonsathini kaSolly Mahlangu ezobe iseDurban City Hall, eThekwini namhlanje.

UKHOLEKA ozoshiyelana inkundla nabaculi abazobe benandisa ekhonsathini eDurban City Hall, eThekwini namhlanje ntambama. Credit: INLSA

Phakathi kwabaculi abazoshiyelana inkundla kule khonsathi ebizwa ngokuthi yiWahamba Nathi Tour nekuzobe kungeyokuqala, kubalwa uSolly Mahlangu ozodedela amanoni ezingoma zakhe ezihlanyisa abalandeli bomculo wokholo, uSfiso Ncwane, Kholeka Dubula, Abanqobi, Thobekile nabanye.

USolly uthe abalandeli bakhe abazobe beyingxenye yale khonsathi bazophuma bebusisekile njengoba ezoqhulula amanoni ezingoma zakhe ezihlanyisa izihlwele njalo uma enandisa emcimbini eyahlukene.

“Phakathi kokunye okuyobe kwenzeka kulo mcimbi ngaphandle kokunandisa ngomculo, kuzoba nezinkulumo ezakhayo kwazise sekuyinyanga yabantu abasha. Intsha ezobe ihambele le khonsathi izophuma isuthi ukudla komphefumulo njengoba izothola ithuba lokudumisa kanjalo nokwelulekwa ngempilo,” kuchaza lo mculi, ozobe ehamba nebhendi yakhe kule khonsathi.

Uthe phakathi kwabantu abazobe bethula izinkulumo ezakhayo kubalwa uMfundisi uSthembiso Zondo noBishop Thanda Zulu.

Amathikithi okungena kule khonsathi ozoqala ngo-6 ntambama abiza u-R100 kuya ku-R150. AwamaVIP atholakala ngo-R200 emaComputicket.

SHOW ALL
Advertisement