isolezwe1
isolezwe-2
isolezwe-3

Kuboshelwe osaziwayo kwabazobhulela u-Usher amazolo

Comment on this story


NO_tkzee0

INLSA

I-TKZEE ingelinye lamaqembu azonandisa kwindumezulu yekhonsathi okuzobe kucula kuyo isihlabani saseMelika u-Usher

ABACULI bakuleli abaziwayo bazothola ithuba lokubhulela amazolo isihlabani saphesheya kwezilwandle u-Usher Raymond e-Orlando Stadium eGoli ngoMashi 10.

Abehlelwe yile nhlanhla yokushiyelana inkundla no-Usher kwiHansa Pilsner Festival of Legends nguZakes Bantwini, Tkzee, Gang of Instrumentals, Liquideep, Teargas, Oskido, Vigilante, Capital noDJ Tira.

U-Usher akadingi kuchazwa, ungumculi owaziwayo we-R&B futhi waduma ekupheleni kweminyaka yo-1990.

Lo mculi oshaya ngezwi elimtoti waziwa kakhulu ngezingoma zakhe okubalwa kuzo ayishaya no-Alicia Keys ethi My Boo, Confessions, Yeah, You Remind Me, Love In This Club nezinye.

Kumanje izwi lakhe lizwakala eculweni likaDJ okleliswe waba ngowokuqala emhlabeni ngabeDJ Mag 100, uDavid Guetta, engomeni eshisa izikhotha ethi Without You.

IMenenja yakwaHansa Pilsner uMosidi Seretlo uthe bakhethe ukuhlanganyela nalaba baculi “abangeke bahluleke ukwenzela abantu usuku abangeke balukhohlwe”.

“IFestival of Legends iyingqayizivele yethuba kubaculi abasafufusa ngoba bacula esiteji esisodwa nesihlabani somculi ongomunye wabahamba phambili ngesikhathi sakhe kwi-R&B, u-Usher, ehambisana nabanye babaculi baseSouth Afrika abanethalente. AbakwaHansa bayaziqhenya ngokwenza lokhu,” kusho uSeretlo.

UDJ Tira uthe bazokwenza into yamehlo ukuze bakhombise u-Usher ukuthi umculo wakuleli nawo usezingeni eliphezulu.

Njengoba kunomncintiswano wabaculi abasafufusa abazobhulela amazolo lezi zihlabani, abafuna ukubavotela kuzomele bakwenze lokho lungakapheli olwanamhlanje ngoba wusuku lokugcina kanti abaphumelele bazomenyezelwa ngoLwesihlanu. Phakathi kwabaculi okukhethwa kubo kubalwa no-Abdus waseTshelimnyama ePinetown.

sign up

Share |  

Facebook icon

Facebook

Twitter icon

Twitter

Google icon

Google

Yahoo icon

Yahoo

Reddit icon

Reddit

del.icio.us icon

del.icio.us

Pinterest icon

Pinterest

Email

Print

  • Rate this article
  • Average reader rating (0 votes) 0 Stars

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)

Anonymous, wrote

IOL Comments
10:33am on 22 February 2012
IOL Comments

Osaziwayo bakuleli kuza kanjani ukuthi babizwe ngabazobhulela amazolo u-Usher. Abethu labo saziwayo futhi babeka izwe lethu ebalazweni lomhlaba. Thina bezindaba ngamandla esinawo okubakha nokubadicilela phansi singabenza ubulungiswa sibahloniphe. Bekunganani intatheliumbhali athi: "Osaziwayo bakuleli bazoshiyelana inkundla nowaphesheya". Asihloniphaneni bantu benkosi.Umbono wami

Report this

IOL Comments

Showing items 1 - 1 of 1

mcD
I'm a 37 year old man looking to meet women between the ages of 25 and 40.
View Profile
bongsta12
I'm a 32 year old man looking to meet women between the ages of 18 and 36.
View Profile
ccw
I'm a 31 year old man looking to meet women between the ages of 27 and 32.
View Profile
IOL - dating
s5864
I'm a 39 year old woman looking to meet men between the ages of 35 and 49.
View Profile
IOL - dating
Arani
I'm a 27 year old woman looking to meet men between the ages of 28 and 47.
View Profile
IOL - dating
0cean_ntr
I'm a 36 year old woman looking to meet men between the ages of 25 and 45.
View Profile