Kuboshwe ababili ngelokuhlasela eShowe

Comment on this story

BAWINILE NGCOBO

KUBOSHWE ababili ngesehlakalo sokuhlasela esenzeke kwaKhuzwayo eMankwanyaneni, eNgudwini eShowe emasontweni amabili edlule lapho kwakwemuliswa khona amantombazane akulo muzi amabili kwashona abayisithupha, kwalimala abangu-17.

UColonel Jay Naicker wamaphoyisa esifundazweni uthe la madoda amabili aneminyaka engu-24 no-27 aboshwe ngoLwesithathu emuva kophenyo lwamaphoyisa.

Ababoshiwe kuthiwa baboshwe ehostela laseMlazi esigcemeni sakwa-T.

Abanye abashona kulesi sigameko bebehlala kulo leli hostela uma beseThekwini.

Kulesi sigameko sokuhlasela kwashona oMnuz Khulekani Luthuli, Mnuz Sfiso Luthuli, Mnuz Maqhinga Mthethwa, Mnuz Simphiwe Mthethwa noMnuz Hlanganani Mgenge.

UMnuz Bongukuphiwa Ndwandwe washona esengeniswe esibhedlela eNgwelezane.

Abashona basohlangothini okuthiwa lwafika lwadunga umemulo kodwa induna okuthiwa yayihola leli butho esekubhaceni yatshela Isolezwe ngesonto eledlule ukuthi kungamampunge ukuthi bahlasela kwaKhuzwayo.

Le nduna yathi bona babeziyele emcimbini njengezinsizwa zesigodi esisodwa kwaba yilaba ababafica behleli phansi esigcawini abasukuma kwabe sekukhala isibhamu.

Induna ibingekho ngempelasonto ngesikhathi kufihlwa amadodana ayo amabili ashona kulesi sigameko.

UNaicker uthe ababoshiwe bazovela enkantolo maduze.

Khonamanjalo amaphoyisa awakabophi muntu ngokubulawa kwamalungu ayisishiyagalombili eSkebhe uphiko okuthiwa lulwa nobugebengu ePomeroy. Abafi babulawa ngesonto eledlule.

UNaicker uthe amaphoyisa asaphenya kodwa bekungakaboshwa muntu.

Uthe amaphoyisa asankanise kuzo zombili lezi zindawo aqaphe isimo.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.