Advertisement

Kuboshwe abahlanu ngenkohlakalo

CELANI SIKHAKHANE noSIMPHIWE NGUBANE

ZIFULATHELWE ngelakubo izikhulu zikamasipala wasoThukela KwaZulu-Natal osekuvele ukuthi bezivalela abantu amanzi ngamabomu ukuze zithole ithenda yokuwahlinzeka emphakathini ngezimoto zawo nokudle lo mkhandlu imali elinganiselwa ku-R12 million.

Kuboshwe abasebenzi abahlanu balo masipala, abathathu kubo abayizikhulu zalo mkhandlu wasoThukela.

Esinye salezi zikhulu kuthiwa sivele sasula isigubhukane nokusolwa ukuthi sibalekela ukuboshwa kanti ezinye zilindele ukuqondiswa izigwegwe.

UNgqongqoshe wezokuBusa nokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uNksz Nomusa Dube, uthe lesi sikhulu esisule emsebenzini ngeke siyinuke impesheni yaso neminye imihlomulo ehambisana nokuyeka umsebenzi kuze kube kuphothulwa uphenyo ukuze uma silahlwa ngamacala bathathe imali yaso.

“Lezi zikhulu kuthiwa bezivala amanzi ngezikhathi zikaDisemba lapho edingeka khona kakhulu bese zifaka izicelo zamathenda okuthutha amanzi ngamaloli kamasipala kanti zizosebenzisa amaveni azo nawo abenezinombolo zezithuthuthu eziwumgunyathi. Ezinye zalezi zikhulu kutholakale ukuthi bezinezinkampani zonogada ebezisebenza kuwo lo Mkhandlu wasoThukela zibiza imali engaphindwaphindwa kaningi kunomsebenzi obuwenziwa,” kusho uNksz Dube.

Lezi zikhulu kuthiwa bezibiza imali yonogada abayisihlanu ekubeni ziqashe oyedwa ukuthi aqaphe emkhandlwini ukuze zihlomule.

Lokhu kuthiwa kwenzeke ngaphambi kokuthi kungene ubuholi obuphethe njengamanje. Abanye abathintekayo kuthiwa babanjwe ngaphambi kokufika kokhetho.

Isolezwe libike kakhulu ngokuphela kwamanzi ezindaweni ezifana nakoZakheni, Phayekeni nezinye ezingaphansi kwaseMnambithi ezihlinzekwa ngamanzi wuThukela.

Izikhulu zalo mkhandlu ngesikhathi zazithintwa yiSolezwe ngoDisemba zasibeka isizathu sokuthi zibhekene nenkinga yamapayipi nezinye izinsiza zokukhiqiza amanzi esezindala kanti ezinye azisasebenzi kahle.

“Yize kukhona idamu eliphakela abantu ngamanzi i-Woodstock Dam kodwa lezi zikhulu zaziqinisekisa ukuthi ziyawavala amanzi bese zisebenzisa amaloli amanzi ukuhlinzeka abantu kanti nakhona lapho kwakubuye kube nezikhalo ngoba eminye imiphakathi yayigcina ingawatholanga amanzi,” kusho uNksz Dube.

Uthe ukuphenya leli cala sebejube oKlebe, uphiko oluqoqa impahla olubizwa nge-Asset Forfeiture Unit, amaphoyisa alwa nobugebengu obuthinta amabhizinisi.

SHOW ALL
Advertisement