Kuboshwe abasolwa ngempi yezigodi

Comment on this story
NO nseleni2 INLSA Isikole iGejobomvu Junior Primary esiseNseleni lapho kuhlangana khona abafundi bezigodi ezilwayo. Isithombe: PATRICK MTOLO

NQOBIZIZWE ZWANE

KULOKOZA inhlansi yethemba ezigodini ezakhele ilokishi laseNseleni ezikhungethwe yizimpi zokugawulana kwabafundi ngocelemba obese kukapakele nasemiphakathini.

Lokhu kuvezwe yinduna yaseZikhaleni uMnuz Gundu Mhlongo emva kokuboshwa kwabafana abane ngezinsolo zokuba ngobhongoza kule mpi.

Lokhu kuhlaselana kwezigodi okwenziwa kakhulu abafundi sekuholele ekubulaweni kwabafundi abathathu nokuhlaselwa kweningi lamalungu ale miphakathi yiqeqebana eligawulana ngocelemba.

“Asilungile nhlobo isimo ngoba abanye abafundi abayi esikoleni ngenxa yokwesaba. Abanye baya ngoba bephelezelwa abazali babo ekuseni babuye baphinde babalande futhi ntambama. Into esiqinisa idolo ukuboshwa kwabafana abane ngezinsolo zokubandakanyeka kule nto yize iningi labo laphunyuka labaleka,” kusho uMhlongo.

Eqhubeka uthe unethemba lokuthi ukubanjwa kwengxenye yabo kuzosidambisa isimo njengoba kuvela ukuthi bebesongelana ngokujuqana mhla kuvalwa izikole.

NO nseleni5 Omunye wesilisa owahlaselwa wagencwa izandla ngobhushu e Nseleni.ISITHOMBE PATRICK MTOLO INLSA

“Njengoba sekuqala uDisemba okuyisikhathi esiphithizela kakhulu ngethemba ukuthi laba ababoshiwe bazobakhipha abanye abathintekayo ukuze baboshwe bonke ngoba asifuni le nto yokubulalana iqhubeke ngalesi sikhathi,” kusho uMhlongo.

Isolezwe lihambele leya ndawo isimo sasishubile amalungu omphakathi esaba ngisho nokukhuluma ngokukhululeka ngenxa yalesi sihlava ebese sihlalise lo mphakathi lubhojozi.

UMhlongo uthe into ebakhathaza kakhulu ukuthi bazodedelwa abasolwa ngenxa yeminyaka yabo emincane.

“Isibuyisela emumva leyonto futhi yiyo ecasula abantu kakhulu baze benze okungafanele. Laba bafana ababoshiwe yizingane zodwa ngoba basafunda okusho ukuthi bazoyekelwa ezandleni zabazali babo. Uma ubheka amacala ababhekene nawo uyabona ukuthi abucayi ngoba ukugawula umuntu nodlame akuyona into encane,” kusho uMhlongo.

Eqhubeka uphinde washaya amakhala ngendlela amaphoyisa alusingethe ngayo lolu daba.

“Ajwayele ukubakhuza laba bafana isikhathi esiningi azitshele ukuthi bazolalela nabo bayeke kodwa akwenzeki. Kodwa abo-Mnyango wezokuPhepha esifunda-zweni basithembisile ukuthi uma isimo singadambi bazoletha amasosha,” kusho uMhlongo.

Eqhubeka uthe: “Nathi njengamadoda ale ndawo sizohlanganisa amakhanda ngoba kufanele siyiqaphe le ndawo abafana bengathwayizi ebusuku.”


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.