Advertisement
X

Kuboshwe abathathu ngomthunzi wezinkukhu

KUBOSHWE amadoda amathathu abanjwe nenqwaba yensangu eDakeni, eMbongolwane, ngoMgqibelo.

Amaphoyisa aseMbongolwane ehambisana nawesiyingi saseShowe agasele komunye umuzi kule ndawo afica amadoda amabili egqisha insangu emiphongolweni.

ITHIMBA lamaphoyisa aseMbongolwane naseShowe ashaqe inqwaba yensangu abopha abathathu ngempelasonto

Laba basolwa abaneminyaka engu-28 bakule ndawo baphinde batholwa namasaka amathathu egcwele insangu.

Imiphongolo emithathu ehlukene ngobukhulu ibigcwele insangu, kukhona namabhakede amaningi abenensangu.

Amaphoyisa aphinde abopha omunye umsolwa (30) naye otholwe nensangu.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uCaptain Thulani Zwane, uthe intengo yensangu etholakele ilinganiselwa ku-R1 million uma ingase idayiswe emgwaqeni.

Amadoda aboshiwe azovela namuhla eNkantolo yeMantshi eNkanyezi ngamacala okutholakala nensangu. – Intatheli yeSolezwe

SHOW ALL
Advertisement