.
Ithangi elisesontweni okutholakale kulo isidumbu sika-Ayanda Sibiya. Umsolwa nguyena owakhomba le ndawo eseduze nomuzi wakwaSibiya ethi wasizwa ngu-mprofethi ukuthola ukuthi isidumbu sika-Ayanda sikuphi
BAWINILE NGCOBO noNONTUTHUKO NGUBANE
Umthandazi – obethi usiza umndeni ngokukhulekela ingane (12) yaseSweetwaters, eMgungundlovu, ethi uyikhipha amadimoni kodwa yatholwa isifile – ugcine eboshiwe.
U-Ayanda Sibiya (12) ofihlwe ngoMgqibelo, isidumbu sakhe satholwa sikopolotwe amehlo nezinye izitho zomzimba, siboshwe izandla nezinyawo sisethangini lamanzi eduze nendlu yesonto.
U-Ayanda waduka kubo emasontweni amabili edlule washiya incwadi eyayithi uhambile ngoba evikela udadewabo omncane emadimonini abehlale ekhala ngawo ethi ayamhlupha.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uCaptain Thulani Zwane, uthe amaphoyisa abophe indoda eneminyaka ewu-32 ngokufa kuka-Ayanda.
“Lo msolwa uboshwe ngoLwesine, uzovela eNkantolo eMgungundlovu kusasa (namuhla),” kusho uZwane.
UNINA ka-Ayanda, uNtombenhle Sibiya, usadidekile ngokuboshwa komsolwa obesiza umndeni futhi esondelene nendodazi yakhe ebulewe. Izithombe: SHAN PILLAY
.
Isolezwe lihabule ukuthi le ndoda eboshiwe inguyise wengane encane kanina ka-Ayanda – le okuthiwa wayesaba ukuthi ingase ingenwe ngamadimoni.
Kunezinsolo zokuthi yiyo ebisabela ukuthi ingane yayo encane izongenwa ngamadimoni yabe isibhalisa u-Ayanda incwadi ukuze kube sengathi nguyena osabela ingane yakubo.
Emuva kokumbhalisa le ncwadi kusolakala ukuthi ibe isimbulala, yafaka isidumbu ethangini lamanzi ngasendlini yesonto.
Unina ka-Ayanda, uNksz Ntombenhle Sibiya (32) izolo uthe usamangele namanje ukuthi kubanjwe lo msolwa ngoba ubemethemba futhi ezwana kakhulu nomufi.
Utshele leli phephandaba ukuthi uyise wengane yakhe encane ngomunye umuntu, hhayi umsolwa.
“Besiye esiteshini samaphoyisa siyofuna incwadi eyabhalwa ngu-Ayanda ngoba ngifuna ibe ngakimina njengento yokugcina ayenza ngaphambi kokuduka,” echaza.
Uthe amaphoyisa avele aphosa umsolwa imibuzo ilanga lonke esiteshini, abe esethi ayambopha.
UNksz Sibiya uthe umthandazi (emgagula ngegama) ubebasiza ekhaya, ewa evuka no-Ayanda, futhi bese bemthatha njengelungu lomndeni.
Uthe umsolwa wafika ekuqaleni konyaka odlule efike netende lezintshumayelo eSweetwaters, elinye ilungu lomphakathi labika udaba luka-Ayanda obesegule iminyaka, lo mthandazi wabe esefika kaSibiya wacela ukuthandazela ingane ukuze isinde.
Uthe kusukela lapho ubeselokhu efika evakasha, akhulekele nengane.
UNksz Sibiya uthe amaphoyisa amphuce neselula yakhe kwaphinde kwadungeka nomngcwabo ngoba bebelungisa nomsolwa izinhlelo eziningi zomngcwabo.
Isidumbu sika-Ayanda satholakala ethangini eliseduze nendlu yesonto emva kokuthi umthandazi okwakuyiwe kuye eshilo ukuthi sizotholakala kuphi.
Services