LUNGI LANGA
SEKUBOSHWE omunye wabasebenzi kulabo abahlanganyele esitelekeni sabasebenzi basesibhedlela iNkosi Albert Luthuli.
Abasebenzi abaqashwe yinkampani ebambisene nohulumeni ekusebenzeni kwalesi sibhedlela, iDrake & Scull FM, sebeteleke amasonto angaphezu kwamathathu.
Abasebenzi bakule nkampani okubalwa kubo abaqhuba izinqola zeziguli nalabo abagcina izinsiza kusebenza ezinqala, abaphendula izingcingo nabanye bafuna ukunyuselwa amaholo.
UMnuz Zola Saphetha weNational Education, Health and Allied Workers’ Union (Nehawu), uthe batshelwe ukuthi kukhona umsebenzi oboshiwe mayelana nesiteleka.
Uthe uboshelwe ukulimaza imoto yomunye wabasebenzi basesibhedlela kodwa ugcine ekhishwe ngebheyili ka-R1 000. Uthe babona ukuthi uboshwe ngoba kuzanywa ukumisa isiteleka sabasebenzi.
Omunye wabakhulumela abasebenzi kule nkampani, uMnuz Lucky Chamane, uthe abakazoyeka ukuteleka.
“Namanje umqashi akakavumi ukuthi asinyusele imali kuleli zinga esilifunayo. Sizamile ukuthi sehlise imali esiyidingayo kodwa kubukeka sengathi asivumelani,” kusho Chamane.
Uthe ekuqaleni abasebenzi bebefuna umqashi abanyusele imali ngo-12% kodwa sebegcine sebehlile baze bafika ku-9% kodwa namanje umqashi uthi angabanika u-8%.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Thulani Zwane, ukuqinisekisile ukuthi kukhona oboshiwe mayelana nokucekela phansi impahla futhi kulindeleke ukuthi avele enkantolo yemantshi eThekwini.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services