Advertisement
logoSections

Kubulawe ababili bokufika eBhambayi

BONISWA MOHALE

KUBANJWE umoya ngokuthi kungaqubuki udlame nokuhlaselwa kwabokufika kuleli enyakatho neTheku.

IKHANSELA le ndawo uMnuz Thulani Khunju uthe umhlangano wayizolo yiwona ozoxazulula ukubhekana ngeziqu zamehlo phakathi kosomabhizinisi baseSomalia nabangumsinsi wokuzimilela eBhambayi. Isithombe: NQOBILE MBONAMBI. Credit: INLSA

Sishubile isimo eBhambayi, eNanda emuva kokubulawa kosomabhizinisi ababili baseSomalia ngoba besolwa yizakhamizi zakule ndawo ngokuwisa izitolo zabantu bakhona (eBhambayi).

Labo somabhizinisi babulawe ngempelasonto edlule kanti abantu bendawo babhoka ngolaka bathi bakhathele ngabokufika abadabuka eSomalia abathi babathathela amakhasimende ngenxa yokuthi izimpahla zabo zidayisa ngamanani aphansi.

Ngokusho komunye usomabhizinisi ongathandanga ukudalulwa, ziningi izitolo esezivaliwe zabantu abangumsinsi wokuzimilela eBhambayi ngenxa yabantu baseSomalia.

“Asikwazi ukuncintisana nabo ngoba izimpahla zabo zibiza amanani aphansi. Asazi ukuthi bazithola kanjani noma bayesekwa yini emazweni abo,” kubhoka lo somabhizinisi.

Ikhansela lendawo uMnuz Thulani Khunju izolo libize umhlangano ukuzama ukuxazulula le nkinga.

Liveze ukuthi kulo mhlangano abokufika abalibhadanga kuwo ngoba besabela ukuphepha. “Sihlela ukubiza umhlangano wosomabhizinisi bodwa hhayi umphakathi. Sinxuse namaphoyisa ukuba aqaphe isimo kule ndawo,” kusho uKhunju.

Uthe akuqali ukuthi kube nokungaboni ngaso linye phakathi kosomabhizinisi bendawo nalabo bokufika.

Ekuqaleni (ngaboMashi) kwaba nenkinga ngesikhathi beqala ama-tuckshop eduze kwezitolo zabantu bendawo njengoba sekuwudaba lokuthathwa kwamakhasimende manje.

Ubuye waveza ukuthi okwamanje bekuseyinkinga ephakathi kosomabhizinisi ingakakapakeli kakhulu emphakathini.

“Sifuna ukunqanda isihlava sodlame phakathi kwabokufika nabantu bendawo. Sifuna kuxoxiswane nabo abaseSomalia basho ukuthi bazithengaphi izimpahla zabo ukuze kungabikhona umdonsiswano okhona njengamanje,” kusho uKhunju.

UColonel Jay Naicker wamaphoyisa uthe bekungakaboshwa muntu ngesigamelo sokubulawa kwababili, kusaphenywa nokuthi ukubulawa kwabo kuhambisana nodlame oluqondiswe kwabokufika yini noma cha.

SHOW ALL
Advertisement