Kubulawe induna yeNkosi

Comment on this story

NOKUBONGWA PHENYANE

KUSOLWA ingxabano yomndeni ngokuhlaselwa kudutshulwe induna yeNkosi yakwaSithole eQhudeni, eNquthu, ngeledlule.

UMnuz Somfana Sithole (64), ungenelwe ngamadoda amane angaziwa ehlezi emzini kamfowabo, angabuza lutho, avulela ngenhlamvu.

Ngokusho kwendodana kamufi uMnuz Felize Sithole, kukhona ukungezwani okukhona emndenini abasola ukuthi yikho okudale ukuthi uyise abulawe.

“Kukhona ukungezwani okukhoma emndenini nathi esingazi ukuthi kudalwa yini nokuthi kwaqala nini. Nami bengikhona endlini le ubaba ashonele khona njengoba besihlezi nje kungonakele lutho kuxoxwa,” kusho uFelize.

Uthe badumele kakhulu njengoba uyise ubesanda kuthokozela ukubekwa kweNkosi uSithole ekade ibekwa yiSilo samaBandla ngeledlule.

“Abantu abafikile badubula bavele bakhomba yena kuphela ngezibhamu njengoba bekukhona oyedwa obephethe esikhulu nokudale ukuthi kulimale abanye abafowethu ababili kodwa abasesibhedlela,” kusho yena.

Kulo mcimbi okwakukhona kuwo uNgqongqoshe wokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uNksz Nomusa Dube, owazwakalisa ukukhathazeka kwakhe ngezigameko zokubulawa kwabantu ezindaweni zasemakhaya nathi kubambezela intuthuko.

Ngokusho kwephoyisa elingagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba lithe, lesi sigameko asihlangene nakancane nezisanda kwenzeka endaweni yaseMahlaba, eMsinga lapho kubulawe khona amalungu eSikebhe.

Lithe khona umkhondo abasawulandela njengoba ngokuthola kwabo umsolwa oyedwa kwabahlasele ubhekene necala lokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni usahamba icala.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Thulani Zwane, uthe likhona icala lokubulala elivuliwe.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.