INTATHELI YESOLEZWE

ZIHLALELE ovalweni izitabane zaseNyanga, eWestern Cape emuva kokubulawa kwesitabane endaweni yaseSamora Machel okukholakala ukuthi ubulawe ngoba ephila impilo yobutabane.

UNksz Sihle Sikoji (19), oyilungu lenhlangano elwela amalungelo ezitabane iLulek’ iSizwe ugwazwe esifubeni ngomkhonto washona ngabantu okusolakala ukuthi bebezonda ubutabane bakhe.

Ngaphandle kukaNksz Sikoji ziningi ezinye izitabane ezidlwengulwe zabulawa nakwezinye izifundazwe okubalwa kuzo naKwaZulu-Natal njengoba kusanda kubulawa isitabane eNanda. Isidumbu sikaNksz Mandisa Mbambo (25) waseNanda obeyisitabane satholakala sinqunu sinamanxeba okugwazwa.

UNksz Mbambo watholwa eboshwe izandla nezinyawo futhi kukholakala ukuthi wayeqale wadlwengulwa ngaphambi kokubulawa.

Umngani kaNksz Sikoji ocele ukuthi igama lakhe ligodlwe uthe bebeziphuzela endaweni yokucima ukoma ngoLwesihlanu base bephelelwa yimali babe sebeya komunye wabangani bakhe beyolanda enye imali.

Ngokusho kwakhe ngesikhathi bebuya kuqhamuke abalisa abahlanu bathi akusona isikhathi sokuba kuhambe bona lesi, ngesama-Voora, okuyiqembu lezigelekeqe elaziwayo.

“Sivele sama ngoba besithuke kakhulu. Omunye wabo ukhiphe umkhonto omncane wamgwaza esifubeni wase ewa phansi,” kusho umngani.

Naye uzamile ukungenelela wagwazwa engalweni. Uthe uhlale isikhathi esibalelwa emahoreni amabili elinde i-ambulensi ebizolanda umngani wakhe ogcine eshonele esibhedlela saseMitchells Plain.

“Abazange bafune maselula namali. Amadoda amaningi angapha ayasizonda, athi sifuna ukuwathathela izintombi zawo.

“Sesisaba nokuphumela phandle ngoba laba bantu basekhona la,” kusho umngani kaNksz Sikoji.

Okhulumela amaphoyisa uLt-Col Andre Traut ukuqinisekisile ukuthi lesi sigameko senzekile.

Uthe akukaboshwa muntu futhi akukaziwa ukuthi yini eholele ekutheni abulawe uNksz Sikoji.

Ngenyanga edlule umngani kaNksz Sikoji udlwengulwe ngabalisa bemkhombe ngesibhamu kuyo le ndawo.

Kusolwa ukuthi abamdlwengula bakwenza ngoba bethi bayamlungisa ukuze athande abesilisa angathandi amantombazane.

Ugogo kaNksz Sikoji uNkk Nomangesi Sikoji (71) uthe izinhliziyo zabo ziphukile ngokubulawa komzukulu wakhe.

“Ngimbuke kanye amehlo akhe ewavalile kungathi ulele usazobuye avuke,” kusho uNkk Sikoji.

UNksz Ndumie Mafunda weLulek’ iSizwe uthe uNksz Sikoji ubewuthanda umsebenzi wakhe enosizo ngakho kuzoba nzima ukuthola ozovala isikhala sakhe.

Unxuse izitabane ukuthi ziqikelele uma zihamba emalokishini.

“Kumele bazinakekele bangazikhangisi njengezitabane ngoba sisazama ukulwa nokuzondwa kwezitabane.

“Ukuba yisitabane akusho ukuthi umuntu kumele abe budedengu ngoba namanje sisahlaselwa ngakho kudingeka ukuthi siqaphele,” kusho uNksz Mafunda.

Ukudlwengulwa kwezitabane kuyinto edlangile kulesiya sifundazwe njengoba kusanda kugwetshwa amadoda amane asolwa ngokudlwengula abalulale uNksz Zoliswa Nkonyana waseKhayelitsha ngoba eyisitabane. Laba basolwa bagwetshwa iminyaka engu-14 umsolwa ngamunye.