Kubulawe umama nezingane zakh

Comment on this story
NO killing01 ISOLEZWE AMAPHOYISA endaweni yesigameko sokubulawa kwabantu eMzinyathi eduze kwaseNanda ISITHOMBE BONGANI MBATHA

LUNGI LANGA

Unina nezingane zakhe ezinhlanu okusolakala ukuthi babulewe batholakale sebeqala ukonakala endlini eMzinyathi, eduze kwaseNanda.

Kulesi sibhicongo kusinde ingane enonyaka etholakale iphila endlini obese kuvimbanisile kuyo ngenxa yezidumbu zabafowayo nodadewayo ezitholwe zimbondelane endlini encane.

Namanje umndeni wakwaBobore awukholwa ngokuwehlele ekuseni izolo ngesikhathi kutholakala izidumbu zikaNkk MaKhalelo Bobore (38) nezingane zakhe ezinhlanu eziphakathi kweminyaka emithathu nengu-14.

Kuthiwa uNkk Bobore nezingane zakhe batholakale beshonile benamanxeba okugwazwa.

Umfowabo kamyeni kaNkk Bobore, uMnuz Justice Bobore (36), uthe umfowabo olanywa ngumyeni kaNkk Bobore uthole ucingo oluphuthumayo luvela kumyeni wakhe luthi akahambe ayobabheka ngoba engabatholi kuselula yomkakhe.

NO killing1 AMAPHOYISA emagcokoni omuzi okutholakale khona izidumbu zomndeni owodwa zidindilizile kubalwa nomama wekhaya ISITHOMBE BONGANI MBATHA ISOLEZWE

“Umfowethu uthe uma efika khona wabona isithunzi se-Satelite dish ewindini wase ezitshela ukuthi lifile. Uthe uma efonela ubaba wezingane wathi akamlande bazobona bobabili ukuthi kwenzekeni. Uma ebuya ukuyomthatha bavule endlini bangena bobabili, bazithela phezu kwesidumbu sikankosikazi wakhe,” kuchaza uBobore.

Uthe uNkk Bobore nezingane bebekade bevakashile ekhaya ngoba kungamaholide. isikhathi esiningi kuhlala umuntu osebenzayo kuyo.

UNkk Bobore, umyeni wakhe nezingane bahlala eClare Estate lapho benesitolo khona.

Kuthiwa umyeni wakhe ubezobabheka nje ngoba egcine ukuthintana nabo ngoLwesine. Kusolakala ukuthi isigameko kungenzeka ukuthi senzeke ngoLwesihlanu.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Col Vincent Mdunge, uthe izidumbu zezingane zikaNkk Bobore zitholakale zimbondelene ethoyilethi kanti esakhe besisephaseji endlini.

“Okwamanje amaphoyisa asaphenya. asikazi ukuthi babulawe ngani nokuthi kukhona yini esinye isizathu ngaphandle kobugebengu,” kusho uMdunge.

NO killing0 AMALUNGU omphakathi nezihlobo eMzinyathi eduze kwaseNanda elinde ukuthola ukuthi umndeni obulewe bekwenzenjani ngenkathi amaphoyisa nemoto ethwala izidumbu besenza ucwaningo ISITHOMBE BONGANI MBATHA ISOLEZWE

Uthe akukhombisi izimpawu zokuthi kungenwe endlini ngendlakadla ngesikhathi kubulawa umndeni.

Uthe kungenzeka kube ngabantu abangaphezu koyedwa abenze umonakalo kuleli khaya.

UMdunge uthe akukho okuthathiwe kulo muzi obekungasolisa ukuthi bekugqekezwa.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.