LUNGI LANGA

Unina nezingane zakhe ezinhlanu okusolakala ukuthi babulewe batholakale sebeqala ukonakala endlini eMzinyathi, eduze kwaseNanda.

Kulesi sibhicongo kusinde ingane enonyaka etholakale iphila endlini obese kuvimbanisile kuyo ngenxa yezidumbu zabafowayo nodadewayo ezitholwe zimbondelane endlini encane.

Namanje umndeni wakwaBobore awukholwa ngokuwehlele ekuseni izolo ngesikhathi kutholakala izidumbu zikaNkk MaKhalelo Bobore (38) nezingane zakhe ezinhlanu eziphakathi kweminyaka emithathu nengu-14.

Kuthiwa uNkk Bobore nezingane zakhe batholakale beshonile benamanxeba okugwazwa.

Umfowabo kamyeni kaNkk Bobore, uMnuz Justice Bobore (36), uthe umfowabo olanywa ngumyeni kaNkk Bobore uthole ucingo oluphuthumayo luvela kumyeni wakhe luthi akahambe ayobabheka ngoba engabatholi kuselula yomkakhe.

“Umfowethu uthe uma efika khona wabona isithunzi se-Satelite dish ewindini wase ezitshela ukuthi lifile. Uthe uma efonela ubaba wezingane wathi akamlande bazobona bobabili ukuthi kwenzekeni. Uma ebuya ukuyomthatha bavule endlini bangena bobabili, bazithela phezu kwesidumbu sikankosikazi wakhe,” kuchaza uBobore.

Uthe uNkk Bobore nezingane bebekade bevakashile ekhaya ngoba kungamaholide. isikhathi esiningi kuhlala umuntu osebenzayo kuyo.

UNkk Bobore, umyeni wakhe nezingane bahlala eClare Estate lapho benesitolo khona.

Kuthiwa umyeni wakhe ubezobabheka nje ngoba egcine ukuthintana nabo ngoLwesine. Kusolakala ukuthi isigameko kungenzeka ukuthi senzeke ngoLwesihlanu.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Col Vincent Mdunge, uthe izidumbu zezingane zikaNkk Bobore zitholakale zimbondelene ethoyilethi kanti esakhe besisephaseji endlini.

“Okwamanje amaphoyisa asaphenya. asikazi ukuthi babulawe ngani nokuthi kukhona yini esinye isizathu ngaphandle kobugebengu,” kusho uMdunge.

Uthe akukhombisi izimpawu zokuthi kungenwe endlini ngendlakadla ngesikhathi kubulawa umndeni.

Uthe kungenzeka kube ngabantu abangaphezu koyedwa abenze umonakalo kuleli khaya.

UMdunge uthe akukho okuthathiwe kulo muzi obekungasolisa ukuthi bekugqekezwa.