Kubulawe usomabhizinisi waKwaMashu ehostela

Comment on this story
NO masemula1 INLSA USOMABHIZINISI waKwaMashu kwa-D, uMnuz Horace Masimula odutshulwe ehostela KwaMashu ngoLwesibili ngabantu abangaziwa. IZITHOMBE: PARTIC MTOLO

NOKUBONGWA PHENYANE

USADUNGUZA ebumnyameni umndeni kasomabhizinisi obenamabhusha amabili ehostela nasesigcemeni sakwa-F, KwaMashu odutshulwe ngabalisa abangaziwa ngoLwesibili ebusuku.

Isidumbu sikaMnuz Horace Vani Masimula (69), obenomuzi kwa-D endaweni eyaziwa ngokuthi ise-La Lucia, kulona leli lokishi sisale sidindilizile ngaphandle kwebhusha lakhe elisehostela ebesekuphele iminyaka engaphezu kuka-35 enalo.

Kuthiwa kuqhamuke abalisa abangaziwa esehamba nabasebenzi bakhe uMasimula bavulela ngenhlamvu bebhekise kuyena.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Thulani Zwane usiqinisekisile lesi sigameko njengoba ethe bavule icala lokubulala, basaqhubeka nophenyo.

“Okwamanje asikayazi imbangela yokubulawa kuka losomabhizinisi kodwa uphenyo lusaqhubeka,” kusho uZwane

NO masemula3 UDUTSHULWE ephuma kuleli bhusha lakhe elisehostela KwaMashu usomabhizinisi, nokungakaziwa namanje imbangela yokubulawa kwakhe njengoba ababulali begcine ngokuthi bathathe amakhadi akhe asebhangi nomazisi. Izithombe: PATRICK MTOLO INLSA

Unkosikazi kamufi uNkk Lindi Masimula, uthe akukho abangathi kuyabambeka ngokushona komyeni wakhe njengoba ubengakaze ababikele lutho futhi akayena nomuntu obengene kwezepolitiki.

“Ngithole ucingo luvela komunye wabasebenzi bakhe engitshela ukuthi bayadutshulwa, ubekhala. Nami ngathatha imoto ngaya khona ngoba bengingedwa la ekhaya. Ngifike khona eseshonile base bengichazela ukuthi kwenzekeni,” kusho uNkk Masimula.

Uthe umyeni wakhe ubesesebenze kuleya ndawo iminyaka njengoba izingane zabo zazalwa isikhona kodwa kusuka ngonyaka odlule kula kuqale khona ukuthi bahlaselwe.

“Ngonyaka odlule kwadutshulwa mina nomunye umsebenzi wakhona lapha, asazi ukuthi imbangela yalezi zigameko yini. Okusiphatha kabi ukuthi laba bantu baze bamkhipha emotweni batshela abasebenzi ukuthi balale phansi,” kuchaza yena.

Uthe ngesikhathi sebemkhiphile emotweni baqhubekile nokumdubula bagcina ngokuthi bathathe isikhwama ebesinamakhadi asebhange nomazisi kamufi.

“Asazi soqhubeka kanjani nokulungisa izinto zikamufi njengoba umazisi wakhe ungatholakali. Okwamanje besingakazi ukuthi uzofihlwa nini njengoba konke kuzohamba kancane ngenxa kamazisi,” kuphetha uNkk Masimula.

Emzini kamufi izihlobo nabangani bezilokhu zingena zidedelana zizokhalisana nomndeni njengoba bekucaca ukuthi ungumuntu owaziwayo.

Kwesinye isigameko esenzeke khona ehostela KwaMashu ngoLwesibili kutholakale isidumbu sowesilisa sidindilizile emgwaqweni uJabula nebesinamaxeba okudutshulwa esifubeni nasesiswini.

Amaphoyisa athe ayikaziwa imbangela yokubulawa uMnuz Sifiso Luthuli njengoba eduzane kwakhe kutholakale amagobolondo esibhamu amane, akukakaboshwa muntu.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.