Kudalulwe amagama abashone engozini yetekisi eNanda

Comment on this story

NONHLANHLA MKHABELA

AMAPHOYISA asewadalulile amagama abantu abashone engozini yetekisi yangoLwesibili eDube Village eNanda, phakathi kwabo okubalwa nomshayeli.

Abashonile ngoLindani Shangase (25) ongumshayeli, Nomasonto Mtyabibi (22) noThembisile Chamase (22) bonke abebehlala khona eNanda.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uCaptain Thulani Zwane, uthe oyedwa walaba, uNomasonto, yena washayiseka kade ezihambela emgwaqweni.

Umndeni kaShangase uthe uphezu kwamalungiselelo omngcwabo.

“Umgcwabo ungeSonto. Uzophumela ekhaya eMzinyathi,” kubeka ilungu lomndeni, uDelani Mngoma.

Ngokwemibiko yabosizo lokuqala, umshayeli wahluleka wukulawula itekisi laginqinka.

UDelani ongumfowabo kaLindani ongumshayeli uthi noma bebengakezwa lutho oluvela emaphoyiseni kodwa sebethole ukuthi umfowabo wayezama ukuvika elinye itekisi eliyiQuantum ngesikhathi kudaleka le ngozi.

“Sathola ngowayesebenza kuyona iQuantum okuthiwa yayivikwa umfowethu ukuthi umshayeli wayo wayehamba ngesivinini esiphezulu wase enquma ngaphambi kwetekisi kaLindani kwase kudaleka le ngozi,” kuchaza uDelani.

Amaphoyisa athe kuvulwe icala lokubulala ngokungenhloso.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.